Injabulo bemela iTheku kwi 2024 MTC Windhoek Fashion Week.

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku uyaqhubeka nokweseka abasiki bengqephu basekhaya ngokubahlinzeka ngokungena ezimakethe ukuze baqinisekise ukusimama kwebhizinisi labo. Kulonyaka, uMasipala uxhase ngezimali abasiki bengqephu ababili baseThekwini ukuthi babambe iqhaza kwi-2024 MTC Windhoek Fashion Week, ebibanjwe  kusukela mhlaka-6 -9 kuNovemba eMaerua Mall eWindhoek, eNamibia.

USandile “Duke” Mngadi oyiCreative Director aphinde abe ngumnikazi weDUKE “Clothe Your Soul” noSicelo Dlezi ongumsunguli weYATSAR Clothing, ngabasiki bengqephu abamele iTheku. Laba bobabili bayingxenye yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwemfashini lweDolobha olufundisa, luphinde luthuthukise amakhono, kubasiki bengqephubasekhaya.

UMngadi uzwakalise ukujabula ngaleli thuba. “Ngizizwa ngihloniphekile ukumela iTheku kanye nohlelo lukaMasipala lokuthuthukisa imfashini kwiMTC Windhoek Fashion Week ka-2024. Leli yithuba lokuqhubeka nokubeka uphawu lwami futhi ngikhuthaze imboni yezemfashini ekhulayo yaseThekwini. Kuyakhuthaza futhi kubasiki bengqephu abasebasha, abasafufusa abavela emiphakathini entulayo ukuthi babone ukuthi kungenzeka noma yini. Sibonga kakhulu kuMasipala ngala mathuba”.

USihlalo weKomidi leDolobha lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela uKhansela Thembo Ntuli ugcizelele ukubaluleka kwalobu budlelwano.

 “Lokhu kubambisana kunikeza abasiki bengqephu baseThekwini ithuba lokuxhumana nezimakethe ezintsha, banwebe amanethiwekhi abo, futhi bathuthukise imfashini yeDolobha emhlabeni jikelele.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *