![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-27.png)
OWAMI THABETHE
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali ubhekane nezinkinga eziholele ekutheni iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) ingenelele ngokushesha.
Ngesikhathi inesithangami nabezindaba eThekwini, iSadtu iveze ukuthi lesi simo sishubile kangangoba abaholi bezinyunyana bakholwa wukuthi izimo emkhakheni wezemfundo angeke zinciphe okwamanje.Phakathi kwezingqinamba ababhekene nazo , iSadtu iveze izinto ezibucayi njengokungakhokhelwa kwezimali eziyisisekelo ezikoleni, ukungakhokhwa kweholo, ukulungiswa okufanele kwezimali eziholwa othisha bakwaGrade R, ukuguqulwa kothisha betoho baqashwe ngokugcwele. Lezi zinkinga zesistimu zifinyelele kuvuthondaba ekucindezelekeni okukhulu emphakathini wezemfundo, okunomthelela omkhulu kothisha nakubafundi ngokufanayo.
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngokwehluleka kukahulumeni ukuhlangabezana nezidingo zezimali.“Sifuna uhulumeni akhokhe yonke imali ekweletwa izikole okuhlanganisa no-R44 million okukweletwa othisha bakwaGrade R,” kusho uNomarashiya.
Uthe othishanhloko bayaphoqeleka ukuthi basebenzise imali yabo ukuze izikole ziqhubeke nokusebenza okuyinto engasimamisi.
UCaluza uthe isabelo-mali sezikole ezingakhokhisi, ezibhekelela abafundi abahlwempu esifundazweni, sincane kakhulu, okushiya izikole eziningi zidonsa kanzima ukuhlinzeka ngezinsiza ezibalulekile njengezincwadi ne stationary.
Ukubhekana nalezi zinselelo eziqhubekayo, iSadtu isilusukumele loludaba, ibambe amapiki emahhovisi ezifunda ukuze yandise izimfuno zayo. Muva nje, iSadtu ibike ngentuthuko ezingxoxweni, lapho uhulumeni wesifundazwe evuma ukushoda kwawo futhi wasungula ithimba okuhloswe ngalo ukuthola izisombululo zesikhathi eside kule nkinga yoxhaso.