Kunxuswa umphakathi waseThekwini uqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga

OWAMI THABETHE

Abophiko lwezamanzi aphakela iTheku uMngeni-uThukela Waters, bacele imiphakathi yaseThekwini ukuba ibabekezelele njengoba bebhekene nengwadla yokuhlanza amanzi.

Kuphazamiseke ukuhlanzwa kwamanzi ngenxa yokwanda kolwelwesi, ngalokho kwehle umthamo wamanzi ahlanziwe eDurban Heights Water Works.

Okhulumela UMngeni-uThukela Water u Siyabonga Maphumulo uthe ulwelwesi obelukhona belungaphezu kwamandla abo futhi angeke badedele amanzi angcolile kubantu.

Ngenxa yalokhu, ezinye izindawo zeTheku ezihlinzekwa yiDurban Heights Water Treatment Works zinenkinga yokuphazamiseka kwamanzi.

UMaphumulo uchaze ukuthi nakuba izizinda zamanzi zisakhiqiza amanzi aphuzwayo asezingeni eliphezulu, amandla okukhiqiza ehlile ngenxa yokwanda kokuchithwa kwamanzi kanye nokuhlanzwa kaningi kwezisefo ukuze kuqedwe ulwelwesi.

Uthe uMngeni-uThukela Water uyaqhubeka nemizamo yokuthuthukisa izinhlelo zawo zokuhlanzwa kwamanzi. Lokhu kuhlanganisa ukusebenzisa izindlela zokuhlanza zamakhemikhali ezithuthukisiwe ukuze uvule izihlungi zayo.

“UMngeni-uThukela Water uyaqhubeka nokuqapha izinga lamanzi aluhlaza futhi silindele ukuthi inkinga izoxazululeka uma ulwelwesi lwase-Albert Falls-Nagle Dam selubohlile. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okudalekile. Sinxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga,” kwengeza uMaphumulo.

Eminye yemizamo eyenziwa uMngeni-uThukela Water ukuqinisekisa ukuthi ukuba khona kolwelwesi kuyalawuleka okuhlanganisa ukuhlanzwa  kwamanzi aluhlaza lapho ekhishwa edamini iNagle ukunciphisa ulwelwesi ngaphambi kokuba lufinyelele eDurban Heights Water Treatment Works. Kuphinde kwasetshenziswa amaphampu amanzi ukudonsa amanzi eDamu laseNanda eliwaxuba ukucwenga ulwelwesi eDurban Heights Water Works.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *