![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-21.png)
SHEILA MHLONGO
Inhlangano iValhalla Arts izosingatha umbukiso owaziwa nge-Dissability
Economic Empowerment Program (DEEP) Expo eRichards Bay oqhutshwa
minyaka yonke okuqondwe ngawo ukuthuthukisa intsha ekhubazekile. Ngokusho kuka Musa E Zulu okunguye omsunguli weValhalla Arts uthe le Expo izoba ngomhlaka 20 November eRichards Bay, ngokubambisana ne SOUTH 32
Hillside Alluminium, okuyiyo engumxhasi omkhulu wale Expo.
Echaza uMnu Zulu uthi sekungunyaka wesithathu kuqhutshwa l kusukela ngonyaka ka 2019. Lombukiso uyingxenye yomkhankaso wokubungaza inyanga yabantu abakhubazekile eba njalo ngo Novemba. Kulombukiso kuzobe kubukiswa ngemisebenzi yentsha ekhubazekile ukuze izibonakalise amakhono ayo ehlukene kubahambeli balombukiso
okuyobe kuyizinhlangano zomphakathi, abezinkampani ezizimele, kanye nomphakathi wonkana.
“ Izinhlangano zomphakathi, izinkampani ezizimele kanye namabhizinisi nawo ayamenywa ukuthi afike azobukisa ngemisebenzi yawo aphinde athole ithuba lokubukisa ngemisebenzi yazo emayelana nama project ezinto
zabakhubazekile, baphinde baxhumane nabantu abakhubazekile.” Kusho uMusa E.Zulu.
Izinto ezizobe zenzeka kule 2024 SOUTH32 THISABILITY DEEP Expo kubalwa
lokhu okulandelayo:
1. Umbukiso we robotics – AlgoAtWork Robotics.
2. Career Guidance
3. EzobuCiko nokupenda
4.Umculo kudlalwa – keyboard, drums kanye nesiginci.
5. Ama games e-Accounting.
6. Ukuxoxisana nababhali bezincwadi kanye nokufunda ngolwazi
lokukhubazeka.
7.Ukwethulwa kwezinkulumo ezakhayo eziyobe zethulwa abantu abadumile
abakhubazkile.
Kuyobe kukhona nosaziwayo abango Lucas Sithole ongumdlali we South African wheelchair tennis ozobe eyisikhulumi sosuku, kanye noDonald Ramphadi osanda kuwinaAfrica's first wheelchair tennis medal kuwo lonyaka
ka 2024 eParis Paralympics.
Ephetha uZulu uthe unxusa izinkampani ukuthi zifike ngobuningi bazo ukuzobukisa ngemisebenzi kanye nemikhiqizo yazo
Okuyozuzwa izinkampani eziyobe zibukisa ngemikhiqizo yazo ilokhu
okulandelayo:
1. Ithuba lokusebenzisana nesishoshovu esilwela amalungelo abantu
abakhubazekile uMnu Musa E.Zulu,kanye neValhalla Arts
2. Ithuba lokuxhumana neziphathimandla zenye yezinkampani ezinkulu
eNingizimu Afrika nezidume umhlaba wonke iSOUTH32 Hillside Aluminium.
3. Ukuthola ithuba lokukhangiswa kwebhizinisi kuzozonke izinkundla
zabezindaba ezimayelana nale Expo.
4. ILogo yenkampani yakho iyokhangiswa kuma screens ayobe ephromotha
usuku lonke.
5. Ithuba lokuthi ukhangise imisebenzi yenkampani yakho amaminithi
ayishumi.
6. Isikhala sokukhangisa inkampani yakho esiyikota lekhasi oshicilelweni luka
Disemba ephephandabeni iKZN Namuhla esabalaliswa iKwaZulu-Natali
yonke kuhlanganisa nezinkundla zokuxhumana. (Online)
7. Amaminithi amathathu okuxoxa emsakazweni Izwi lomzansi, SABC, ne
1KZNTV.
8. Amakhophi amabili amabhuku asayindiwe abantu abakhubazekile
okuyingxenye yokuqwashisa ngokukhubazeka.
Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMusa E.Zulu kulenombolo:083 348 8729