Ufisa ukufukula agqamise abalingisi abanganakekile

OWAMI THABETHE

UNatie Mthembu ungumculi ozinze eGoli ongumlingisi

ezindaweni ezahlukene aphinde ebe ngumculi we Afro

pop oseke wahlabana nezindondo kubalwa neye KZN

Namuhla Artists Awards 2022.

UMthembu usesungule I Natie Mthembu Foundation

okuyinhlangano engenzi inzuzo,uthi inhloso yokusungula

lenhlangano ukuthi akwazi ukulekelela abanye

ozakwabo emculweni nasekulingiseni.

Lensizwa ngonyaka ozayo ihlela ukwenza umcimbi

wokuklomelisa ozakwabo abadlala indima enkulu

kumabonakude kodwa abanganakiwe laba ababizwa

ngama background actors and actress.

Uthe yena uzowabiza ngama Underground Actors and

Actress Awards ngenhloso yokuthi ukholelwa ukuthi

igama lokuthi background alibafanele ngathi

libabhekisela phansi. Ukholelwa ekutheni laba

balingiswa nabo badlala indima enkulu kabi njengalaba

abadumile.

Ekufundeni kwakhe kabanzi ngeze thelevishini wathola

ulwazi ukuthi abantu abaphelelisa yonkinto esiyibona

kuma TV ethu ilaba abanganakiwe ababizwa ngama

background actors.

UMthembu uthi uyafisa ukuthola uxhaso kuloluhambo

lwakhe ngoba inhloso yakhe ukuthi kube ngumcimbi we

South Africa yonkana wokubungaza labantu abamqoka

kangaka enhlizweni yakhe.

Umcimbi ufisa ukuwenza ngo June 2025 futhi uvule

izandla kubantu abafisa ukusebenzisana naye nabafisa

ukuletha uxhaso

Utholakala kanje:0837172796/0764076744

Email: thembinkosimthb7@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *