OWAMI THABETHE
Usaqhubeka nokuhlonishwa uthisha waKwaZulu-Natali ohlomule ngendondo ye-Excellence in Secondary School Teaching nyakenye ngothando lwakhe ngalo mkhakha.
USiphatheleni Khanyile oneminyaka engu- 35, useShanghai, eChina, ehambele ingqungquthela egxile kumgomo wezemfundo nokusebenza kwawo emazweni asathuthuka.
Kunabantu abangu-22 abazobe behambele le ngqungquthela abavela eKenya, eGhana, eNigeria, eCambodia, eMauritius, eGrenada nase-Egypt, okuhlanganisa nabanye othisha nezikhulu zikahulumeni ezivela ezinhlakeni zemfundo ezahlukene.
Abezindaba I The Mercury nyakenye babike ukuthi lo thisha weGeography, waseSibusisiwe Comp Tech High School, eMbumbulu, wahlomula ngendondo kumaNational Teaching Awards ngendlela yakhe ehlukile yokufundisa ecula izingoma ezihlokweni abezifundisa.
Ekhuluma eseShanghai, uKhanyile uzwakalise ukubonga ngokuhlonishwa akuthole ezinhlakeni ezehlukene okubalwa isikole sakhe, isifunda kanye nesifundazwe, selokhu awina le ndondo.
“Inhloso yalomhlangano ukungikhanyisela, ukubona ukuthi imfundo iqhutshwa kanjani kwamanye amazwe ukuze ngizithuthukise, futhi nokwabelana (emuva ekhaya) ngamasu avelele okufundisa izifundo kusetshenziswa ubuhlakani bedijithali.”
UKhanyile uthe eChina imfundo yinto eseqhulwini.
Batshala imali eningi ezikoleni ngisho nasezindaweni zasemakhaya ukuze kube nokulingana ekufundiseni nasekufundeni. Uthi uyafisa ukukubona lokhu kwenzeka ezindaweni zangakubo.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-1.png)