WONDER NGCOBO
Bathi sebefana namavolontiya abasebenzi benkampani yonogada ezimele egada ezikhungweni zika hulumeni, abasebenzi benkampani i Muji Security ephethwe yisiqumama sase Manzimtoti ekhekwini kwaZulu Natal ogama lakhe kungu Sihle Mngadi bakhala ezimathonsi ngokusebenza bengaholi nabathi sekuphele izinyanga ezintathu golokoqo bengasayazi imiholo yabo. Labasebenzi abagada endaweni egcina ama ambulance kaHulumeni eseMzinto kanye nendawo egcina izidumbu eke yaba ngundaba mlonyeni ezinyangeni ezimbalwa ezedlule lapho imangalelwe yisakhamuzi sase Mlazi esathola isihlobo saso sesonakele emva kokungeniswa emakhazeni izinsukwana ezingevile kwezinhlanu, loludaba lwashaqisa, lwahlokomisa izwe lonke njengoba lasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana laseluvezwa komabonakude ezinhlelweni ezifana ne CUTTING EDGE evezwa ku SABC 1 ngokunjalo naku CHECK POINT ekhonjiswa ku ETV, nalapho kwaphumela obala abanye babasebenzi balesisikhungo befakazi ngokuhanjiswa ngendlela kwezinto kulesikhungo. Lapho oyisikhulu somnyango wezempilo uDokotela Sandile Tshabalala oyinhloko yabaqondisi bomnyango wezempilo kwaZulu Natal aphika walala ngomhlane ukuthi kukhona abakwaziyo ngalezozinsolo wagxeka abaphathi bomnyango ngokungababikeli uma kunento engahambi kahle.
Labasebenzi bathi izinkinga zaqala mhla umnyango wenza izinhlelo zokuqasha inkampani entsha nalapho kubikwa ukuthi umnikazi wenkampani yonogada waqala ukungayinaki indawo abayiqaphile ngokuthi angabe esayivakashela kepha afike mhla ezothatha noma eletha ama” time sheet”. uqhube wathi emva kwalokho abasamtholi ngisho ocingweni, umsebenzi onavumanga ukudalula igama lakhe nathe wesabela impilo yakhe uveze ukuthi kunesikhathi lapho ebekade ebafakela imali engaphelele athembise ukuthi uzobuye ayigcwalisele ngenyanga elandelayo kepha angakwenzi lokho uma sekuphele inyanga, uthi bawubikelile umnyango uyalwazi loludaba kodwa uhudulaizinyawo ekuluxazululeni yingakho sebefisa kungenelele uhulumeni njengoba angenelela ngenkathi kunemibhikisho engapheli emkhandwini uMdoni Local municipality owabe ubangelwa yinkohlakalo nokungahambisi izidingo zomphakathi nalapho kwangenelela umphathiswa womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi nowangenelela ngempumelelo. Labasebenzi abangasalazi iholo nakuba bevuka bathi iningi labo liqashile njengoba likude nasemakhaya lokho okwenza izinto zibe nzima kakhulu, ukukhokhela indlu yomqasho yindaba engaxoxisi lapho uma uke wedlulisa isikhathi sesivumelwano nomastende ufika esefake ukhiye omusha, ngalesosikhathi kumele uchaze nasekhaya ukuthi kungani ungezokhipha imali, bathi sebenamahloni ngisho nokugoduka ngoba abanye babo ekhaya kubhekwe bona. Uma ibabuza intatheli yethu ukuthi kungani besaqhubeka nokusebenza kodwa bazi kahle ukuthi imali ngeke bayifakelwe? omunye ulandise ngokuthi imisebenzi ayisatholakali kalula ngakho besabela ukuthi bazothi bayayeka kungene inkampani entsha lapho bengakatholi ndawo babe sebezisola ngokushiya, uthi manje sebehlalele ethembeni njengo Jona wase bhayibhelini.
Intatheli yethu izamile ukufonela inombolo yomphathi wenkampani uSihle Mngadi kodwa kwathiwa ayisebenzi, ibe isifonela umnyango lezikhungo ukuzwa kubaphathi bazo ukuthi ngabe banalo yini ulwazi lokuthi onogada ababaqaphile ubusuku nemini basebenza ngaphandle kwenkokhelo? nokuzwa ukuthi bakuphi nezinhlelo zokuthola inkampani entsha kepha imizamo iphunzile njengoba owabamba ucingo wazibiza ngo Mrs Mkhize wathi imenenja imatasa kakhulu njengoba kunenhlolokhono yodokotela, kanti obambe ucingo okokugcina ozibize ngo Buhle uthe imenenja isahlabe ikhefu lamasonto amabili kanti kubambe udokotela naye omatasa kakhulu nokuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengatholakali. umthombo wethu ongaphakathi esikhungweni esigcina izidumbu i Park ryne mortuary uthe uyezwelana nonogada ngoba bangabantu futhi banemindeni abayondlayo kodwa bazithola begaxeke empini ephakathi kwezikhulu zomnyango nomphathi wenkampani ezimele nehlukumeza abantu abangenacala, uthi lomnyango uphethwe umuntu ongakwazi ukuthatha izinqumo ngokwakhe ngakho yonke into ayenzayo uyatshelwa ngabathize uthi nakulo loludaba lokutholakala kwenkampani entsha usola ukuthi imali ebekiwe incane kakhulu nokwenza ukuthi izinkampani zibaleke ngazinyawo zombili. uthi awukwazi ukufike ukhokhelwe imali engekho kuphinde kube nombandela wokukhipha enye imali futhi. uphethe ngokuthi uyavuma ukuthi naye umphathi Muji Security ungaphansi kwengcindezi njengoba waze wafaka isicelo sokukhululwa nalapho umnyango wambamba ngokuthi kuzomele aqhubeke kuze kube kutholakala i( service provider) entsha nokubukeka kuseyinto ekude kakhulu ukwenzeka
Owesilisa osebenzela esikhungweni esigcina ama Ambulance ozibize ngo Eric Mtwane uthi umqashi ubabamba inkunzi njengoba ebalekelana nabo nje uthi ulokhu ekhala ngemali engekho ayitholayo ngalomsebenzi kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwasabalala i video yomkakhe eshaya amavosho eseholidini phesheya kwezilwandle emva kwalokho yena uMngadi uthenge imoto entsha yakwa Ford yohlobo lwe Raptor kodwa uzohlulwa ukukhokhela abasebenzi athi imali incane, uphethe ngokucela noma ngabe ngubani ongabasiza kulempi ababhekene nayo ukuze bayinqobe.