OWAMI THABETHE
Umfana utholwe enecala lokubulala, lokweba isibhamu, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, nokubamba inkunzi esebenzisa isihluku. Ugwetshwe ngoLwesine olwedlule, ngomhlaka 21 Novemba.
Umfana oneminyaka engu 15 enecala lokubulala uthishanhloko wesikole, amaphoyisa aKwaZulu-Natali athi ngoMgqibelo, 22 Ephreli 2023, leli bhungu lagebenga labulala u-Alpheus Mphumuzeni Ntuli, owayeneminyaka engu-61 ubudala ngaleso sikhathi. UNtuli obenguthishanhloko eBhekintinta High School KwaNongoma kuthiwa udukile ngalolo suku.
Ngesikhathi amaphoyisa efika esiteshini samaphoyisa ephuma emakotishi aseBhanganoma lapho okuhlala khona uNtuli abone imoto yakhe ihamba emgwaqeni uMkhuze. Ngesikhathi besondela umsolwa wasuka ngesivinini kodwa wayishiya imoto wabaleka ngezinyawo.
Ngemva kwesikhashana, isidumbu sikaNtuli satholwa silahlwe eduze nosebe lomfula ngaphansi kwebhuloho endaweni yase-Odwaleni. Isidumbu sakhe sitholwe sinamanxeba avulekile ekhanda nemihuzuko emzimbeni wonke.
“Amaphoyisa athungatha umsolwa lapho ehlala khona kwaSnqandi endaweni yakwaToyisa nokuyilapho atholwe khona nesibhamu nezinhlamvu abezintshontshe kumkhulu wakhe. Ibhungu liboshiwe lavela kaningi enkantolo ngaphambi kokuba liwavume wonke amacala, nokuholele ekutheni ligwetshwe,” kusho okhulumela amaphoyisa e-KZN uColonel Robert Netshiunda.