OWAMI THABETHE
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natali, uNksz Mbali Shinga, ekanye neMeya yaseDumbe, uMnuz Sbusiso Mkhanela, bahole imashi yesiFunda iZululand lapho kuqalwa khona umkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Lolu hlelo lwaminyaka yonke luhlose ukuqwashisa umphakathi ngesihlava sodlame olubhekiswe kubulili, ukubulawa kwabesifazane, kanye nesidingo esiphuthumayo sokufukula abesifazane nezingane kwezomnotho.Imashi ibigqamisa ukubaluleka komzamo ohlangene wokulwa nalezi zinselele zomphakathi kanye nokugqugquzela umphakathi ophephile nohlangene, nokugqugquzela umoya wokuzwana.
UNgqongqoshe uShinga ugcizelele ukuthi ukubhekana nalezi zinkinga kudinga ukubambisana phakathi kukahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye namalungu omphakathi.Phambilini uNgqongqoshe uShinga ekanye nezikhulu zoMnyango bavakashele umndeni wakwaNene ngemuva kwesigameko sokulahleka kwengane yawo yentombazane eyi-albino ngoJulayi 2023.
Lo mndeni uthwele kanzima, kanti usaqhubeka nokuthungatha ingane ngethemba lokuthi uzoyithola iphila. Icala, elibikwe esiteshini samaphoyisa ePaulpietersburg, lisaphenywa, nemizamo yamaphoyisa isaqhubeka.Kulolu hambo, uNgqongqoshe uShinga udlulise amazwi enduduzo emndenini oshonelwe, kanti osonhlalakahle bakwaDSD KwaZulu-Natali bahlinzeka ngosizo lwezengqondo ukuze babasize kulesi sikhathi esinzima.
“Simi nomndeni wakwaNene kulesi sikhathi sobuhlungu futhi sizoqhubeka nokuhlinzeka ngoxhaso oludingekayo njengoba ubhekene nalesi simo esibuhlungu,” kusho uNgqongqoshe uShinga.Umkhankaso we -16 Days of Activism uqale kusukela mhlaka-25 kuNovemba kuze kube umhlaka 10 Disemba , umzamo womhlaba wonke wokucela ukuba kuqedwe udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ugcizelela isidingo sokuthatha isinyathelo nobumbano ekwakheni umhlaba lapho bonke abantu bephephile.