Impela kukhona okusina kusijeqeza isifundazwe sakwaZulu-Natali njengoba uMkhonto weSizwe Party ungazibekile phansi ulokhu ushilo ukuthi ufuna ukuthatha umbuso ngoba vele kufanele ngabe yiwona ophethe ngenxa yesibalo samavoti owasithola ngomhlaka 29 Meyi, kodwa kwathi ngenxa yokuthi wawulokhu usazama ukuphikisa imiphumelo yokhetho kwagcina ngokuthi wonke lamaqembu abe enesibalo esincane samavoti athola ithuba lokuhlangana ndawonye abumba uhulumeni okuyiwo ophethe njengamanje, ngaphansi kohlelo lukahulumeni obusa ngokubambisana.
Amaqembu iDA, ANC, IFP kanye neNFP awubambe ngamazinyo umbuso kahulumeni waKwaZulu-Natali. Kanti ngakolunye uhlangothi iqembu loMkhonto weSizwe Party nalo alizibekile phansi ngoba lifuna ukuthatha izintambo, ngenxa yesizathu sokuthi lisola inhlangano eyengamele ukhetho (IEC) ngokukhwabanisa amavoti ayo ukuze lizithole likulesimo sokuthi kungabi iyona ebusayo lapha KwaZulu-Natali nakuba kuyiyo enesibalo esiphezulu sabavoti.
UZuma yena uthi unobufakazi obuqanda ikhanda azobuveza mayelana nokukhwabaniswa kwamavoti eqembu lakheNgakolunye uhlangothi neqembu le-ANC ebuholini obuphezulu kuzwelonke lenza isimo singabi nakho ukuzinza lapha esifundazweni saKwaZulu-Natali, njengoba lilokhu likhala ngobuholi baKwaZulu-Natali, libusola njengembangela yokwehlulwa okhethweni luka 2024, ekubeni imbangela yaziwa ukuthi uMnu Jacob Zuma uyena oyimbangela yalemiphumela engemihle yokhetho njengoba wasungula iqembu loMkhonto emva kwalokho abantu bathutheleka bavotela iqembu lakhe.
Kulokhu kuzwakala nemibiko yokuthi bona ubuholi obuphezulu kwi ANC buhlongoza ukuchitha ubuholi base KZN ngoba kubukeka sengathi abuqinile ukuthi bungakwazi ukuyisa isifundazwe phambili, lokhu okuyingxaki ngoba into iqembu le ANC okumele lingabe lizihlupha ngayo ukuthi lilungise amaphutha alo eliwenze cishe iminyaka engamashumi amathathu liphethe izintambo kuleli.
Kuzo zonke izikhathi zokhetho lukazwelonke kanye noloHulumeni baseKhaya abantu bebelokhu bekhuluma ngevoti labo ebelibonakala njalo lilokhu lehlile, kodwa iqembu leANC laqhubeka layishaya indiva imiphumela ngoba lethembe ukuthi abantu abasoze balishiya, kanti lishaye phansi kwashunqa uthuli.
Sengiphetha iqembu loMkhonto nalo alimile neze ngoba linomshikashika wokuqinisa ubuholi balo njengoba sibona lidoba osopolitiki abadumile kuleli kusukela kulona iqembu le ANC kanye neqembu leEFF okumanje lithwele kanzima ngoba akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi ingabe limi kanjani ikusasa leqembu likaJulius Malema uma uMkhonto weSizwe Party ulokhu ugwaze ngakulo.Kanti nakulo iqembu leANC kubukeka kukhona okusina kulijeqeza njengoba sengathi kukhona abangaphakathi kulona abadlelana ndawonye noMkhonto kodwa ngomshoshaphansi ukuze kuqhubeke njalo kwehle amandla eqembu le-ANC.
Nakuba uZuma elokhu ethi uMkhonto wakhe owokulungisa lona iqembu leANC umbuzo omile owokuthi kanjani?UMkhonto uzobe uqeda unyaka owodwa vo lasungulwa, kanti lizogubha umbungazo walo ngomhlaka 15 Disemba eMoses Mabhida Stadium eThekwini.