SHEILA MHLONGO
Inkampanai yakwaEskom isithathe isinyathelo sokubhekana nenkinga yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho,lokhu ukwenze ngokuthi unikeze ithuba likashwele eliphela ngomhlaka 13 Disemba 2024 lokuthi bonke labo abakhwabanisa ugesi babe sebevule ama-Akhawunti abo okuthenga ungesi.
Ngokwesitatimende sakwaEskom,sithi uNgqongqoshe Kgosientsho Ramokgopa, ukusho lokhu ngesikhathi enikeza umbiko wakamuva mayelana nogesi okhokhelwa ngaphambi kokusetshenziswa (pre-paid metering Key Revision Number (KRN) Rollover) lapho abantu kumele basvuselele kabusha amamitha kagesi ukuze ahambisane nohlelo olusha.
URamokgopa uthe nakuba kukhona umehluko abawenzile kodwa zisekhona izingqinamba ezidalwa imizamo yokuqeda ukuxhunywa kukagesi ngendlela engekho emthethweni, kanye nemizamo yabo yokuthola imali elahlekile ngenxa yalomkhuba wokwebiwa kukagesi.Nokho uNgqongqoshe uyincomile imizamo abayenzile yokuthi kuvuselelwe kabusha amamitha kagesi nokuthi kuqedwe ukusetshenziswa kukagesi ngokungemthetho.
URamokgopa uthe ukuze abantu bakwazi ukuthola ugesi ngendlela efanele kumele bavume ukukhokha imali yenhlawulo engu R6000, kanti uma ikhasimende lingenawo amandla lingakhokha imali engu R500 izinyanga ezingu 12. Lokhu okuhambisana nohlelo lukashwele.
Ngakho abantu bayakhuthazwa ukuthi basebenzise lelithuba ukuthi balungise ama-akawunti abo ukuze bathole ugesi ngendlela efanele, bese uEskom alungise nalawo ama metre angekho esimeni sokusebenza, noma akokoteliwe.URamokgopa uthi kunamakhasimende asesebenzise ugesi mahhala kusukela ngonyaka ka 2018, lokhu ikona kanye okwenza ukuthi uEskom azame ukuthi aqede lomkhuba .
Kubalwe uhlobo lwamakhasimende athintekayo kulokhu:
Ilawo axhuma ngendlela engafanele ama mitha awo ukuze athole ugesi.
Ilawo asebenzisa ugesi kodwa engenawo ama-mitha.
Amamitha alimele noma ashile kodwa abe wona eqhubeka ethola ugesi.
Labo ababengafanele ukusebenzisa ama-mitha kagesi okhokhelwa kuqala (pre-paid meters).
Kanye nalabo abanezinkinga kuma mitha okwenza bangakwazi ukuthola ugesi. UEskom uthi ulahlekelwa imali elinganiselwa ku R2,5 billion nyanga zonke ngenxa yabantu abangakhokhi, lokhu okwenza ulahlekelwe imali engu R30 billion ngonyaka.
OMasipala abathenga ugesi kuEskom bona babhekene nenkinga engaphezu kokwenza ngoba bakweletwa imali ebalelwa ku R90 billion. Kanti Sekuhlangene uEskom nomasipala balahlekelwa imali engu R120 billion ngenxa yawo ugesi ongakhokhelwa.Uma kuqhubeka ukungakhokhelwa kukagesi kuba inkinga ngoba kugcina kumele kukhushulwe amananani kagesi lokhu okufaka umthwalo kumakhasimende akhokhela kahle ugesi.