UKUPHENDULELA ISINKWA UKUZE SIBE YIZITINA ZAMAKHAYA AMASHA EKZN

Imindeni yaKwaZulu-Natal iqalisa kabusha emakhaya amasha ngosizo lwephrojekthi yomphakathi ephendule ukuthengwa kwesinkwa ukuze kube izinto zokwakha. Ngomkhankaso we-Bread for Bricks, isitina esisodwa sanikelwa ngolofu ngamunye othengisiwe, okwasiza ekwakhiweni kwamakhaya amane aphephile, aqinile emindeni yasendaweni yaseSkhaleni naseNseleni ababekade behlala ezimweni ezingaphephile.

Ngomhla ka-22 Novemba, i-BB Bakeries, ibambisene ne-Habitat for Humanity South Africa, ibungaze le mpumelelo ngomcimbi wokusikwa kweribhoni emakhaya amabili amasha. Amalungu omphakathi wendawo, izikhulu, nabanikazi bezindlu ezintsha bahlangene ukubungaza le ngqophamlando nokwabelana ngenjabulo yokufezwe umkhankaso. “Kithi, ukuba nekhaya eliphephile kushintsha yonke into,” kusho uThulisiwe Mkhize, omunye wabanikazi bezindlu ezintsha. “Manje singakwazi ukulala siphephile, futhi izingane zami zinendawo yokufundela.

Siyabonga kuwo wonke umuntu owenze lokhu ukuthi kwenzeke.” Ukuzibophezela kwe-BB Bakeries emphakathini waKwaZulu-Natal kujulile. “Umphakathi wethu ubuhlezi usenhliziyweni ye-BB Bakeries,” kusho u-Stephanie Hoy, Umphathi Wezokumaketha.

“Ngosizo lwawo wonke umuntu othenge ulofu sikwazile ukusiza le mindeni ukuthi iqalise isigaba esisha emakhaya aphephile nakhelwe ukuhlala isikhathi eside.” Ngaphezu komkhankaso we-Bread for Bricks, i-BB Bakeries ibandakanyeka kweminye imisebenzi eminingi yomphakathi kuyo yonke iKwaZulu-Natal, okuhlanganisa amakhreshi angaphezu kwe-100, isekela izinhlelo zokulondoloza, nokusiza amakhaya asendaweni anakekela asebekhulile, izinhlelo zokudla, namakhishi wesobho.

Umhlonishwa Ongusodolobha, Ikhansela uNgwezi ugqamise ukubaluleka kokweseka komphakathi ekwenzeni umehluko: “Namuhla, siyabona okungenzeka uma abantu behlangene,” esho kanjalo. “Lawa makhaya ayisiboniso sokuthi isenzo somphakathi singaletha umehluko wangempela kulabo abaswele kakhulu.” U-Daphney Ngoasheng, Umqondisi Kazwelonke we-Habitat for Humanity SA, uphinde wagcizelela ukubaluleka kokusebenzisana.

“Ukuba nendawo ephephile ohlala kuyo kusho yonke into,” echaza. “Sibonga kuwo wonke umuntu osekele lokhu. Ngokuhlangana, asakhi izindlu kuphela; sibuyisa ithemba nesithunzi semindeni yethu.”

Amakhaya amasha amane akhethwe ngokubambisana nohulumeni wendawo. I-Habitat for Humanity isebenze neKwaZulu-Natal Human Settlement Department nomasipala wendawo ukukhomba imindeni edinga kakhulu ukwesekwa. Umkhankaso we-Bread for Bricks uyingxenye yokuzibophezela okubanzi kwe-BB Bakeries ekunikeleni emphakathini waseKZN, osekele ibhrendi iminyaka eminingi. Ngosizo lwempumelelo yomkhankaso, amakhaya amane asevele akhiwe, maningi ezayo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana ne-BB Bakeries nomkhankaso we-Bread for Bricks, vakashela okuthi www.bbbakeries.co.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *