KULINDELEKE UKUTHI IDONSE IZIVAKASHI ETHEKWINI I NEW DURBAN BEACH CAFE PREMIUM

Esithombeni: IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba ehambisana noSadha Naidoo weCalypso Group, bavule ngokusemthethweni iDurban Beach Cafe ogwini lwaseThekwini.

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku uyaqhubeka nokuqhakambisa ubuhle beTheku kanye nokuthuthukisa izindawo zasemabhishi njengendlela yokubeka phambili iTheku kwezokuvakasha. IMeya uCyril Xaba yethule i-Durban Beach Café premium lounge ngoLwesihlanu mhla zingu-22 kuNovember 2024.

“Ukuvulwa kwe-Durban Beach Café premium lounge kuyigxathu elikhulu esilithathile emizamweni yethu yokuqalisa izinhlelo ezinhle endaweni engasebhishi. Lezi zinhlelo zizobeka idolobha lethu ezingeni lomhlaba futhi lizoheha izivakashi zamazwe ngamazwe.

Maduze nje sizomemezela izinhlelo ezimnandi mayelana neJoe Cools, The Deck and Fun World.”kuchaza uXaba.USadha Naidoo, oyi-CEO yeCalypso Group uthe indawo ayivulile ethuthukisiwe yanele abantu abangu-450, inezindawo ezikhethekile ezingaphakathi nangaphandle.

“I-Durban Beach Café premium lounge iyisigaba sesibili sentuthuko, lapho sitshale khona u-R11million, oxhaswe yiNational Empowerment Fund. Lokhu kudale amathuba emisebenzi angu-44 esimeme nabangeziwe betoho ngesikhathi esimatasa,” kusho uNaidoo.“Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abasebenzi bethu basebenza ngokugcwele ngohlelo olugunyaziwe lokuthuthukisa amakhono futhi sithole abahlinzeki bethu emiphakathini eyayincishwe amathuba phambilini,” kuphetha uNaidoo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *