UMKHWANAZI UKHALA NGAMALOKISHI AMAKHULU EKZN ASAHAMBA PHAMBILI NGOBUGEBENGU

Esithombeni: UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu- Natali, uMnu Nhlanhla Mkhwanazi.

OWAMI THABETHE

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi uthe kusamukhathaza ukunyuka kwezinga lobugebengu ikakhulukazi ukwanda kwamacala okudlwengulwa kwabantu besifazane elokishini laseMlazi naseNanda. Ukusho lokhu ngenkathi ethula umbiko wemisebenzi eseyenziwe amaphoyisa esifundazweni kusukela ngo Agasti kuze kube uNovemba ngomhlaka 26 Novemba eThekwini.

UMkhwanazi ubike ukuthi lamalokishi ahamba phambili ngobugebengu ezweni jikelele. Alinganiselwa ku 10 000 amacala ahlobene nokubulala,ukuzama ukubulala kanye nokudlwengula abikwa eziteshini zalama lokishi.

Uthe yize amaphoyisa esifundazweni ezama ukulwisana nalobu bugebengu, kodwa ubona kunesidingo ukuba nomphakathi ulekelele ukugcina amalokishi abo ephephile. Ubalule nokuthi imbangela enkulu yokungaphephi kwezakhamizi ingenxa yezindawo zokuhlala abaziqambela zona ezifana nemijondolo ezingenayo ingqalasizinda efana nogesi nemigwaqo.

UMkhwanazi uveze ukuthi amacala amaningi angenayo mayelana nokudlwengulwa kwabesifazane asuke ehlobene nophuzo oludakayo. Ngokombiko wakhe abaningi badlwengulwa uma bephuzile, okwenza umsebenzi wabo ube nzima ngoba ummangali usuke engasakhumbuli kahle isigameko.

Ngalokho bazoqinisa umthetho ezindaweni zokucima ukoma ikakhulukazi ngoba kusondela isikhathi sikancibijane, ikakhulukazi ngokuphepha kwamakhasimende abo, baqinise nomthetho wokudayisela abantu abadalal kuphela utshwala. Uthe uma abanikazi balezi zindawo behluleka ukusebenzisana nabakwasidlodlo, uzophoqeleka ukuqinisa isandla kubona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *