UNdlunkulu weSilo ubhobokangokunyamalala kwakhe

Esithombeni: ISilo samaZulu, uMisuzulu KaZwelithini kanye noNdlunkulu wakhe uKaMayisela

OWAMI THABETHE

UNdlunkulu wokuqala weSilo uMisuzulu, uNdlunkulu
uNtokozo Mayisela, iphule ukuthula kwayo ngokungafiki
emicimbini yobukhosi bakwaZulu.
UNdlunkulu kaMayisela wagcina ngonyaka odlule
suzophela ukuhambela imikhosi yaseNdlunkulu,

kulandela ukufika kwenkosikazi yesithathu, uNdlunkulu
Nomzamo Myeni ngo-2023.
Ukungafiki kukaNdlunkulu kaMayisela emicimbini efana
nomkhosi wokukhumbula iMpi yaseSandlwana, Umkhosi
Womhlanga, Umkhosi WeLembe sekuqubule izinkulumo
eziningi ngoba phambilini ubeyihambela le micimbi
ngaphambi kokufika kuka Ndlunkulu Mnyeni.
Ngemuva kokuthula isikhathi eside,ukaMayisela uchaze
ukuthi ukungafiki kwakhe kuyindaba yangasese, neSilo
siyakwazi lokho.
Uqinisekise isizwe samaZulu ukuthi usazinikele
ngokugcwele esihlalweni sobukhosi bakwaZulu.
Uphinde wacacisa ukuthi akaphikisani nesithembu
kodwa wabona ngomshado omusha womyeni wakhe
ezinkundleni zokuxhumana njengabanye abaningi.
“Angikaze ngihlangane noNdlunkulu wakhe omusha
ngokweqiniso. Angazi lutho ngayo. Angikaze ngithole
noma ngamukele isipho esivela kuyo njengoba engakaze
aziswe kimi. Azikho izingxoxo ezithinta mina ezaba
khona mayelana nelobolo lakhe noma ezinye.
okuhlobene. Akukho ukuxabana phakathi
kwethu,”kuchaza ukaMayisela.
UKaMayisela wethulwa njengendlovukazi yokuqala
yeSilo uMisuzulu ngesikhathi ithatha isihlalo sobukhosi
ngo-2021. Ngawo lowo nyaka, yaphinde yashada

neNdlunkulu uNozizwe Mulela waseSwatini
njengonkosikazi wayo wesibili.
“Uyaziwa futhi usehambele imicimbi eminingi
njengomunye woNdlunkulu bobukhosi bakhe. Angikaze
ngigxambukele ezinqumweni zakhe. Njengonkosikazi
wakhe wokuqala angizange ngingene kulezi zindaba.
Ngisaqhubeka nokuzinza esigodlweni sami,
kwaNkomonye, oLundi abavikeli bami abakaze basuswe
kimina,” kwenaba yena.
UNdlovukazi uNtokozo uthe ukuhlala ehlaselwa
nokuhlanjalazwa kwesithunzi sakhe ezinkundleni
zokuxhumana kumphathe kabi kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *