OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli ugcizelele ukuzibophezela kwesifundazwe ekugqugquzeleni ukusiza kanye nokwenza ngcono izimpilo zabantu abaphila nokukhubazeka ngesikhathi kugujwa uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka (International Day of People living with Disabilities).
UNdunankulu ugqamisa amagxathu abalulekile enziwe ukuqinisekisa ukudala amathuba alinganayo kuwo wonke umuntu ngisho nabaphila ngokukhubazeka imbala.
UNdunankulu uNtuli uzophinda agcizelele ukuzinikela kukahulumeni ekuhlanganiseni abantu abakhubazekile emkhakheni wezenhlalo-mnotho esifundazweni.
Lokhu kwakuhlanganisa ukuqinisa ukufinyeleleka ezikhungweni zomphakathi nezokuthutha, ukwandiswa kwamathuba emfundo nokuthuthukiswa kwamakhono ahambisana nezidingo zabantu abakhubazekile kanye nokuthuthukisa ukubamba iqhaza kwezomnotho ngokubeka eqhulwini uxhaso lwebhizinisi.
“Ngeke sikhulume ngomphakathi ophumelelayo futhi obandakanya wonke umuntu ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi abantu abakhubazekile banikezwa amandla okufaka isandla futhi baphumelele,” kusho uNtuli.