UZIKALALA UXWAYISE IZIKHULU EZINGABAKHOKHELI OSONKONTILEKA IMALI NGESIKHATHI

Esithombeni: Iphini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda, u Sihle Zikalala

OWAMI THABETHE

Iphini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda uSihle Zikalala uthi ngeke bazidabukele uma sebebhekene nazo izikhulu ezingabakhokheli osonkontileka ngesikhathi okuvunyelwene ngaso.

Lokhu ukusho ngenkathi kuqhubeka ingqungquthela kazwelonke I National construction Summit on crime Free Construction Sites e Thekwini ICC mhlaka 19 Novemba. Osonkontileka abaningi bakhala ngokungakhokhelwa imali okuvunyelwene ngayo ngesikhathi, okubambezela ukuqhubeka komsebenzi we projekthi.

IPhini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda uMnu Sihle Zikalala uveze ukuthi ukubambezeleka komsebenzi sekubalahlekisele imali ecela kuma billion wamarandi.

UZikalala uphinde watshela onjinyela okuyibona abaphethe lama projekthi okwakha ukuthi kungumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi izakhiwo ezakhiwe osonkontileka zisezingeni elifanele futhi ziphephile. Ukusho lokhu emva kwezigameko zokudilika kwebhilidi I George Builing esifundazweni sase Eastern Cape esilimaze inqwaba yabantu, okusolakala ukuthi lalivele lingakhiwe ngendlela efanele.

Uphinde wagcizelela ukuthi ukuvela kwezenzo zobugebengu ezinjengokukhwabanisa, ukugwazela ngaphansi kwegama lemali yokuvikela, kuyisidingo sethu sonke ukulwa nakho.

“Siwushayela ihlombe umsebenzi wabo bonke ababambiqhaza nemiphakathi esiza ekunqandeni lesi sihlava. Sincoma umsebenzi wokugcinwa komthetho oholela ekuboshweni kwabenzi bobubi. Sonke kumele sithathe izinyathelo ezinqala ukuze sibhekane naloluhlobo lobugebengu obunedumela elibi”. kuchaza uZikalala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *