Luqhubeka ngaphandle kwezingqinamba uhlelo lwe ntuthuko yomphakathi oluqale ngasekuqaleni kwalenyanga. Loluhlelo lomfundaze lwethulwe ngokusemthethweni mhla zingu 15 ku October eMphusheni endaweni yaseFolweni emva kokubambezeleka okuncane okudalwe ukuba matasa kwezikhulu ezisuka eGoli nobekumele zibe yingxenye yalomsebenzi.
Lomsebenzi okuhloswe ngawo ukulekelela intsha engafundi nengasebenzi ukuze ingazimbandakanyi nezinto ezidicilela izimpilo zayo phansi njengobugebengu, nokuzimbandakanya nocansi isikhathi singakafiki ngokunjalo nokuzifaka ezidakamizweni, lapho benikwe imifundaze ezothatha isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha, ngaphandle kokubaqhelelanisa nezinto ezibhedayo emphakathini banikwe nethuba lokubeka isinkwa etafuleni njengoba abanye bevela emizini okungasebenzi muntu kuyo. Indawo yase Mbumbulu ingeyokuqala ngqa ukuhlomula kuloluhlelo njengendawo yasemakhaya emva kokuba seluzungeze izindawo eziningi ezingamalokishi. Oyimenenja yalomsebenzi uWonder Ngcobo odabuka eCabhane endaweni yaseMthwalume ogwini oluseningizimu ngaphansi kweNkosi uBhekizizwe Luthuli ohlala eMlazi ngenxa yomsebenzi.
Ungusihlalo wenhlangano yomphakathi i SACRAD nomsunguli we NCAVANA HOLDINGS eqeqesha abantu abasha ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya, ibasize ukuze bakwazi ukulungela ukuthola imisebenzi ngokulungisa amaphepha abo ngokunjalo nasemqondweni ngaphambi kokubhekana nomsebenzi iphinde isize abafisa ukuqala amabhizinisi nalabo asebenawo kodwa angenzi kahle kwezezimali. nokuyisizathu sokuthi aqoke indawo yaseMbumbulu njengefanelwe ukuhlomula.
Ngaphandle kwentsha eyikhulu( 100) ehlomule kuloluhlelo kuphinde kwahlomula nezinhlangano zomphakathi ezingenzi nzuzo ezintathu ebezingenawo amavolontiya ngenxa yokwentula abaxhasi, inhlangano ngayinye ihlomule ngamavolontiya angamashumi amathathu nanhlanu (35) okwenza abe ngu 105 amavolontiya esewonke okusho ukukhula ngamahlanu ukusuka esibalweni ebesibekiwe.
Okhulumela izinhlangano zomphakathi ezihlomulile nophinde abe ngumxhumanisi wohlelo nomphakathi uMnuz Thalente Ncikazi ekhuluma emcimbini wokwethula loluhlelo ngokusemthethweni uthe bayabonga bayanconcoza egameni lomphakathi waseMbumbulu egameni lokukhunjulwa nabo njengeMbumbulu, ikakhulukazi ezinhlanganweni zomphakathi ebezingenamavolontiya futhi bengazi nokuthi bazokwenzenjani ukuze babe nabalekeleli, ubonge uthixo ngokuphendula umkhuleko ngokushesha wathi kunzima ukusebenza ngomphakathi ngoba abantu bacabanga ukuthi banayo yonke into, uma bengaziniki lutho izingane ezibasizayo ziphelelwa wumdlandla ziyeke nokubasiza kanti ezinye ziyeka nezinhlelo ezinhle abazihlinzeka ngazo.
uNcikazi uphethe ngokugqugquzela intsha ukuba izimbandakanye nezinhlelo ezifana nalezi iphinde ihloniphe ithuba elitholile ngoba liyimvela kancane, wabonga kakhulu kuNgcobo ngokubaqoka njengendawo efanelwe yiloluhlelo wathembisa ukuthi luzothela izithelo ezinhle. U Ngcobo uthe ayikho into emthokozisa njengokufeza isethembiso asenzile esaphila, uthi loluhlelo lumenyezelwe kuwo lonyaka kodwa ziningi izinto ezenzekile kuleskhashana ebezingenza lungaphumeleli njengoba kuthathe isikhathi eside kunebesibekiwe ukulwethula ngokusemthethweni ngenxa yezinselelo lapho bekukhona abafuna ukuba ngogombela kwesabo, abantu abafisa zonke izinto zizuzwe yibo kuphela, uthe ngaphandle kwalomsebenzi kukhona neminye eqhubekayo exhaswe abanye abaxhasi kunjalo nje kusekhona ezinye ezizoqalwa wathi kuba lula uma umsebenzi uqalwe waphethwa kahle ngoba uvula amathuba okutholakala kweminye bese kuhlomula nabanye abaswele. uthi inkampani yakhe yenza konke ukulekelela abantu abahlwempu njengoba maduze ezokwethula uhlelo lwe zincwadi zokushayela nezifundo zobu Security.
UNgcobo uphethe ngokubonga bonke abenze lomsebenzi waba yimpumelelo, wanxusa intsha ukuba iziphathe kahle ihloniphe abaholi bayo ezikhungweni esebenzela kuzo, wexwayisa labo abangasebenzi kodwa bafune ukubhaliswa njengabasebenzile ukuthi bapheze ukwenza lokho ngoba kuzoholela ekunqanyulweni kwenkontileka yabo. kanti uma beziphathe kahle bazothola izincwadi ekupheleni kohlelo ezizobasiza ukuthi bakwazi ukuqasheka kalula. wathi uyaqonda ukuthi imali encane abayitholayo kodwa kukhona abangakuzuza ngayo uma bezimisele kwazise basebenzela eduze namakhaya, lapho bengagibeli futhi bengaqashile.
See insights and ads
All reactions:
6You and 5 others