SHEILA MHLONGO
Impilo ingaba ize leze ngaphandle kwamaLungelo Abantu, okuyiwona avikela abantu bakulelizwe, njengoba sazi ukuthi Amalungelo Abantu ayilungelo elisemthethweni elivikela bonke abantu kwizenzo eziphazamisa ilungelo lenkululeko yabo, isithunzi sabo kanye nalokho okubafanele. Angawabo bonke abantu kungakhathaleki ukuthi umuntu uyisizwe siphi, ubulili, uhlanga, ukhuluma luphi ulimi, inkolo, kanye noma ngabe isiphi isimo.
Sinenhlanhla yokuthi Amalungelo Abantu akhona nakuMthethosisekelo wezwe lethu njengokulawulwa umthetho oku Bill of Rights wesigaba 2, Section 7-39 * Rights. (1), iBill of Rights iyingqikithi yentando yeningi lapha eNingizimu Afrika. Amalungelo Abantu lapha eNingizimu Afrika aqinisekisa ukuthi bonke abantu bakulelizwe banamalungelo futhi aqinisekisa lokhu okulandelayo:
Ukulingana: Wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho futhi unelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo.
Isithunzi somuntu: Wonke umuntu unelungeloo lokuhlonishwa isithunzi sakhe.
Ilungelo lokukhuluma: Abantu banelungelo lokusho, babhale, bashicilele lokhu abakufisayo, kodwa futhi lelilungelo akumele liphuce ilungelo lomunye noma aphule umthetho.
Ilungelo lokuhlanganyela: Abantu banelungelo lokuhlanganyela, babhikishe, baphikise baphinde bethule izikhalo
Inkululeko yokwenkolo: Abantu bakhululekile ukuzikhethela inkolo, isiko, kanye nombono.
Inkululeko yokuhamba lapho bethanda khona:Abantu banelungelo lokuzikhethela lapho befuna ukuhlala khona.
Ilungelo lemfundo: Abantu banelungelo lokuthola imfundo
Ilungelo lokuthola ukwelashwa: Abantu banelungelo lokuthola ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, kanye nokuvikelwa.
Amalungelo Abantu ahambisana nayo yonke imithetho, futhi abophezela nabashayi bemithetho, izikhulu, amajaji, kaye nazo zonke izinhlaka zomthetho. Izikhulu umsebenzi wazo ukuphromotha ziphinde zivikele amalungelo abantu. INingizimu Afrika iphinde yazibophezela kwizivumelwano ezahlukene zokuvikela amalungelo abantu okuhlanganisa amalungelo omhlaba ( Universal Declaration of Human Rights) isivumelwano sokugudluza lonke uhlobo lokucwasa olubhekiswe kubantu besifazane, isivumelwano samalungelo ezingane kanye nakho konke ukubandlululwa ngokobuzwe.
UMthethosisekelo wethu iwona obalulekile okusho ukuthi awukho umthetho oyoshaywa ophambene namalungelo abantu, Amalungelo Abantu aphinde ahlanganise nomlando waseNingizimu Afrika wengcindezelo, wobukoloni, ubugqila, ukucwaswa ngokwebala, ngokobulili kanye nezinye izindlela ezephula amalungelo abanye.
Nakuba sesibonile amalungelo abantu ngokoMthethosisekelo wezwe, kodwa kuyadabukisa ukuthi sisalokhu sibona ukwephulwa kwamaungelo abantu ngezindlela ezahlukene emakhoneni onke eNingizimu Afrika, abantu abanhlwempu basalokhu bezithola bebhekene nezimo ezifana nalezi:
Ukukhishwa ngendluzula ezindaweni abahlala kuzona bephucwa ilungelo lokuba nekhaya kanye nelokuzikhethela indawo abathanda ukuhlala kuzona.
Amanzi ahlanzekile abantu bephuza amanzi angcolile bephucwa ilungelo lezempilo nelokuphila.
Ukungatholi umvuzo ofanele owanele ukuthi bakwazi ukuphila bephucwa ilungelo lokuthola umsebenzi nelungelo lokulingana phambi komthetho.
Ukuvimbela umuntu ilungelo lezempilo lokuthola ulwazi nosizo oluphathelene nezocansi, ukuzala , ilungelo lezempilo nelokuphila.
Ukubandlulwa kwezingane ezikhubazekile zingafundi nezinye izingane ezifunda ezikoleni ezijwayelekile zincishwa ilungelo lemfundo nelungelo elilinganayo nelezinye izingane.
Ukuvalwa kwezilimi ezithile ezikhulunywa idlanzana labantu, ilungelo lokuzibandakanya nesiko mpilo nelungelo lokuba emphakathi namalunga ohlangothi thizeni, ukujabulela isiko nokuqhuba inkolo ngolimi lwabo
Kukho konke lokhu ake sibheke ukuthi uyini umsebenzi kahulumeni kulokhu okubaliwe ngenhla ekuvikeleni, ekuhlonipheni kanye nokufezekisa amalungelo ezakhamizi.
Ukuhlonipha: uhlumeni kumele ahlukane nokugxambukela kumalungelo abantu, njengokuthi uhulumeni akufanele ahlukumeze noma akwenze izigqila. Futhi angakufosi ukuthi usebenze endaweni ongazikhethelanga yona ngokuthanda kwakho noma akuvimbele ukuthi ukhulume ulimi lwakho.
Ukuvikela: uhulumeni kumele enze isiqinisekiso sokuthi abanye abantu abafana nosomabhizinisi, abezepolitiki,noma abanye abantu abaphazamisi ilungelo lakho. Njengokuthi uhulumeni kumele avimbe abantu ukuthi basebenzise inkulumo enenzondo kuwe, ngenxa yendawo osuka kuyona. Futhi uhulumeni kumele aqinisekise ukuthi izinkampani ezizimele zikunika umholo ofanelekile ngomsebenzi owenzile, anganikezi imiholo ehlukene kubantu besilisa nabesifazane abenza umsebenzi ofanayo.
Ukugcina:Uhulumei kumele athathe igxathu lokubhekela amalungelo abantu. Njengokuthi anikeze usizo lokuhumusha uma kuthethwa amacala uma oboshiwe engakwazi ukukhuluma ulimi lwasenkantolo. Uhulumeni kumele abeke eceleni imali yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola imithi yokwelashwa futhi angalambi.
Sibheka iqhaza lezinhlangano zemiphakathi ekuphromotheni nasekuvikeleni amalungelo abantu lapha eNingizimu Afrika
Izinhlangano zemiphakathi zidlala enkulu indima ebalulekile kumalungelo abantu ngokuphromotha zivikele ziphinde zimele labo abadengwane noma abangenayo indlela yokumelwa ezinkantolo. Benza lokhu bephoqa ohulumeni ukuthi bagcine imithetho yamalungelo abantu baphinde bamele izisulu zokuhlukunyezwa ngamalungelo.Kafushane izinhlangano zemiphakathi zibalulekile ukuqinisekisa ukugcinwa kwamalungelo abantu.
Kuyajabulisa ukubona iqhaza elidlalwa izinhlangano ezifana ne Democracy Development Program (DDP) ukumela amalungelo abantu ngaphansi kwezinhlelo zayo:
Bafundisa izakhamizi: mayelana namalungelo abantu kanye nokubusa okuhle Ukukhuthaza ukuzibandakanya kwezakhamizi: ukukhuthaza izakhamizi ukuthi zizibandakanye nentuthuko kanye nezepolitiki ziphinde zifune izimpendulo kulabo abayiziphathimandla.
Ukuqinisa izinhlangano zemiphakathi: kanye nokuqinisa izwi lomphakathi.
Ukwakha ubuhlobo: iDDP iqinisa ukwakha ubuhlobo phakathi kwemiphakathi kanye nohulumeni wasekhaya (omasipala).
Ukubamba izimbizo: zokudingida ipolitiki ukukhuthaza izingxoxo ezinokuthula.
Ukuqapha ukhetho: iDDP iqapha ukhetho
Sengiphetha: Intando yeningi kanye namalungelo abantu ayinto ebaluleke kakhulu ekudaleni ukuthula. Intando yeningi idala isimo esiphephile emphakathini. Nokho isimo sokwenyuka kwezinga lempilo lenza ukuthi kube negebe elikhulu lokungalingani empilweni , ukuncipha kokudla, ukwehla kwezinga lokuthola usizo lwezempilo, kanye nesimo senhlalo engagculisi.Empeleni umuntu angakusho ukuthi izigameko zokudla okunoshevu nakho kunomthelela ngoba abantu abasenandaba nokuthi bathengani abangase bayidle inqobo nje uma kubiza imali encane . Umbuzo ke uthi ingabe koze kube nini uhulumeni ebukela izimpilo zabantu zicekelwa phansi ngenxa yosomabhinisi abanomhobholo behlukumeza amalungelo abantu.
USheila Mhlongo unguMhleli noMshicileli wephephandaba iKZN Namuhla Community Newspaper ubhala lombono ngokwakhe.