IDolobha laseThekwini lakhe ubudlwelwane kanye nabakwa IThala Development ukuze kuzuze amabhizinisi asemancane

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku  uzoba nobudlelwano beminyaka emithathu neThala Development Finance Cooperation (IDFC) ukuze iTheku liqale ukungenelela kokuthuthukiswa kwama-SMME.

 Phambilini uMasipala kanye ne-IDFC bake benza imemorandamu yezivumelwano (MOA) ukuze baqale amaphrojekthi ahlukahlukene. Ngokufanayo, manje kuyinhloso efanayo yamaqembu ukubambisana ukuze kwesekwe ama-SMME ngezinsizakalo zokweseka ngokwezimali nezingezona ezemali kanye nokuqhubeka nobudlelwano besikhathi eside phakathi kwezinhlangano. 

Kokubili iDolobha neThala kulindeleke ukuthi bahlinzeke ngo-R20 million unyaka ngamunye ezinhlelweni zokuthuthukisa ama-SMME.

Lolu hlelo luhlose ukuhlinzeka ngoxhaso oluyimpumelelo kuma-SMMEs ukuze kuqinisekiswe ukuthi osomabhizinisi bayaqhudelana ezimakethe futhi babambe iqhaza ngendlela eyakhayo emnothweni ojwayelekile.

Inhloso ye-MOA ezosayinwa, wukusungula ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwe-IDFC noMasipala okuzobeka izindlela zokuqalisa nokuqapha izindawo zokusebenzisana ukuze kuthuthukiswe ama-SMME.

Lemali ezotshalwa  iyona ezobe ilawula uxhaso lokuhlinzeka ama-SMME ngezinsiza zokweseka ngokwezimali nezingezona ezezimali, ama-SMME azofaka isicelo ngqo ebhange Ithala. Lolu hlelo futhi luhlose ukuhlanganisa amabhizinisi abesifazane nentsha ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ezinhlelweni zokuthuthukisa ama-SMME.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *