OWAMI THABETHE
Njengoba izwe lisaqhubeka nokugubha izinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa ngokobulili, uNgqongqoshe woMnyango wezabesifazane, Intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka uSindisiwe Chikunga kanye neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini babambe iqhaza emcimbini wabesilisa obubizwa ngeMen’s Unit March Against GBVF obusezitaladini zeTheku ngoLwesihlanu mhlaka 06 Disemba 2024.
I-Men’s Unite March wuhlelo lomphakathi oluholwa yi-The Good Men Foundation. Ukusebenzisana phakathi kukahulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi kukhombisa ukuthuthukiswa kwezinyathelo ezihlangene ekuqedeni udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Udlame olusekelwe kubulili kanye nokubulawa kwabesifazane akuyona inselelo encane yomphakathi eyenzeka ezindaweni ezithile zomphakathi. Ludaba olugcwele umhlaba wonke okubalwa ukucwana ngokohlanga, nangokwenkolo,”kusho u Chikunga
INingizimu Afrika isaqhubeka nokuba namazinga aphezulu ngokushaqisayo e-GBVF.UChikunga uthe ukholelwa ekutheni yize I-Criminal Justice System ingeke ikwazi ukuqeda i-GBVF, kodwa amadoda angayiqeda.
INgonyama yamaZulu, uMisuzulu kaZwelithini ikubize ngehlazo ukuphinde kuhlanganwe kwimashi kukhuzwe umkhuba omubi wokubulawa kwabantu besifazane kanye nezingane okhuzwa minyaka yonke. ISilo sikubona kuyichilo ukuthi indlu emnyama iyona ehlale ihamba phambili kulesi sihlava.
Lokhu esihlangene ngakho lapha kuyihlazo, kuwubulwane phakathi kwezinye izizwe ngoba sihlonishwa umhlaba wonke. Isihlalo sethu sobukhosi sihamba phambili emhlabeni wonke, ingakho ngisukumile ngoba lena inkinga yami, kumele ukuthi ngivikele abesifazane nezingane KwaZulu,”kuchaza iSilo uMisuzulu.