IsiShayamthetho saKwaZulu-Natali, siyise iPhalamende kubantu
besifunda Ilembe kusukela ngomhlaka 31 Okthoba kuya kumhlaka 1
Novemba 2024, ehholo lase Sibusisiwe kuMasipala waseMandeni.
Kulokuhlala kwesiShayamthetho bekuhlangene amalunga
esiShayamthetho, oNgqongqoshe beminyango ehlukene kahulumeni
waKwaZulu-Natali, iziphathimandla zeminyango, amakhansela kanye
neziMeya zoMasipala abangaphansi kwesifunda Ilembe, okubalwa
kubo iKwaMaphumulo, iNdwedwe,iMandeni,neKwaDukuza.
Uhlelo luvulwe uSihlalo wamakomiti esiShayamthetho saKWaZulu-
Natali uMhlonishwa OB Kunene, uMeya weLembe ukhansela TP
Shandu uthule inkulumo yokuvula. USomlomo wesiShayamthetho
uMhlonishwa uNontembeko Boyce uchaze mayelana nesizathu
sokuhlala kwesiShayamthetho eMandeni.
Ethula inkulumo yokuvula uSomlomo ubonge umphakathi wesifunda
Ilembe ngokuphuma ngobuningi bawo ngomhlaka 29 Meyi
ukuyovotela uhulumeni othandwa yiwona, waphinde wachaza
isizathu sokulethwa kwesiShayamthetho kubantu ukuthi kungenxa
yokuyalelwa uthetho uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika
“Isishayamthetho saKwazulu-Natali sethula uhlelo lweThimba
Lamaqembu Axubile kanye nelokuyisa IsiShayamthetho Kubantu
okuhambisana nesigaba 104 no 118 zoMthethosiseko
waseRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika.
Isigaba 104 sinika
Izishayamthetho amandla okuhlola umsebenzi owenziwa isigungu
esiphezulu kanye nezinhlaka noma izinkampani zika Hulumeni, kanti
isigaba 118 siphoqa izishayamthetho ukuba sibandakanye
umphakathi ezinqubweni zokushaywa komthetho nakwezinye
izinqubo zezishayamthetho kanye namakomidi aso.”
“Ukuqinisekisa ukuthi lesi sibopho esibekwe umthethosisekelo
siyalandelwa, isiShayamthetho saKwaZulu-Natali, samukela uhlelo
lwamathimba amaqembu axubile okuyiqhingasu eliqhutshwa
ngokuhambela kokuhlola imisebenzi okwenziwa amathimba
ahlukahlukene ngezigcawu zokuxoxa nomphakathi ngokuhlinzekwa
kwezidingongqangi, ngemihlangano yababambiqhaza ngokuxoxa
nemikhakha ehlukahlukene , nangokuyisa isiShayamthetho
Kubantu.Kubeka uSomlomo.
Emva kwenkulumo kaSomlomo kube sekulandela inkulumo yombiko
kaSihlalo woSihlalo bamakomiti esiShayamthetho uMhlonishwa
uMahlaba,ethula umbiko wamathimba Axubeila ahambela isifunda
Ilembe ukuyohlola ukulethwa kwezidigo kubantu.