Kuzoqiniswa ezokuphepha emgwaqeni ngesikhathi samaholide okuphela konyaka

OWAMI THABETHE

Imigwaqo eminingi kuleli ehlonzwe  njengezindawo eziyisizinda  esikhulu sezingozi zizoqashwa ngeso lokhozi amahora angu-24 ngosuku, izinsuku eziyisikhombisa ngesonto, ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ukuze kuqinisekiswe ukuphepha emgwaqeni nokulandelwa komthetho.

“Ucwaningo  olukhona luveze ukuthi  izingozi eziningi zenzeka ngezimpelasonto, ebusuku kakhulu nasekuseni. Ngakho-ke, kuzoba namaphoyisa omgwaqo 24/7 kule mizila ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi,” kusho uNgqongqoshe wezokuThutha uBarbara Creecy  ePitoli.

Ubethula inkulumo yakhe ngesikhathi kwethulwa umkhankaso weFestive Season Road Safety Campaign, ozothuthukiswa ezindaweni ezinobungozi kakhulu.

Abomthetho bazogxila ekuqinisekiseni ukuthi abashayeli bayanamathela emigomeni yejubane. Amaphoyisa omgwaqo azophinde ahlole izimoto avale ababanjwe beshayela bephuzile. Abomthetho bazophinde bagxile emingceleni ethola ukwanda okukhulu kwezimoto ngalesi sikhathi sonyaka.

“Sisebenzisana neRoad Traffic Management Corporation (RTMC) kanjalo neminyango kaMasipala neyeziFundazwe ebhekele ezokuthutha nezokuphepha emgwaqeni ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuqinisa umthetho,” kusho uNgqongqoshe.

Njengoba isibalo sezimoto kulindeleke ukuthi senyuke ngaphambi kwezimpelasonto ezinde zikaKhisimusi, uNgqongqoshe unxuse bonke abasebenzisi bomgwaqo, abashayeli nabahamba ngezinyawo ukuthi bathathe izinyathelo ezifanele ukuze baphephe futhi baqinisekise ukuncipha kwesibalo sezingozi emigwaqeni.

Kulabo abazohambela izindawo ezahlukene ezweni lonke bacelwe ukuthi mabakhumbule ukuthi ukuphepha emgwaqeni kuwumthwalo wawo wonke umuntu, ukuziphatha kwakho yikhona okukhomba ukuthi wena nobathandayo nifika niphila yini.

 Ngaphambi kokuthi uqale noma yiluphi uhambo, qiniseka ukuthi imoto yakho ikulungele ukuba semgwaqweni. Phatha ilayisense yakho yokushayela kanye nemvume yakho yokushayela uma uyidinga.

Uma usohambweni olude, nqamula uhambo njalo ngemva kwamahora amabili. Ziphumulele nokudla ngaphambi kokubuyela emgwaqeni. Gqoka ibhande lakho lesihlalo kanti futhi ukuhamba emini kuphephe kakhulu kunokuhamba ebusuku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *