Qaphelana ningaqolwa  izimali zenu enizisebenze kanzima egameni lenkolo

Sanibonani bantu bakithi ekupheleni konyaka ngicela ukuphinde nginikhumbuze ukuthi niqaphele ukukhohliswa ngabaholi bezenkolo baniqole izimali ezinkulu bethi nibonga unyaka kumdali nibe nipha bona imali beyongcebeleka nemindeni yabo nisale nidonsa kanzima nina . Akekho umuntu ogunyazwe ngumdali ukuthi unyaka ubongwe kuye kodwa unyaka ubongwa ngokujabulisa abanye ikakhulu abazali nomndeni wakho nabangakwazi ukuzenzela . 

Ungalinge wenzele umfundisi wakho ongakwazi ukukwenzela abazali bakho , asikho isibusiso esisuka kumfundisi kodwa isibusiso sisuka ekujuleni kokujabula kwenhliziyo yomzali , ungajabulisi umfundisi ekubeni abazali bengajabule . Ngiyabonga nibe namaholidi amnandi niphephe eyngozini zemigwaqo 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *