OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku usesusile imali engaphezu kuka-R80.3 million ekweletwa abashonile nabangenazintela nenani lempahla efinyelela ku-R1 million nokungaphezu kwezinyanga ezingu-24.
Lokhu kulandela isinqumo esingakaze sibonwe esathathwa nguMkhandlu weTheku mhlaka -29 ku Agasti sokuhlinzeka ngosizo kwabahlomuli bezindawo zabantu asebashona.
Lesi sinyathelo sihambisana noMthetho Wokuphathwa Kwezimali Komasipala kanye neNqubomgomo kaMasipala weTheku Yokulawula Izikweletu Nokuqoqwa Kwazo.
Isamba semali esikweletwa amafa abashonile, lapho abaphathi befa bengaqokwanga khona, silinganiselwa ngaphezu kuka R944 million, esithinta imizi esezindaweni ezahlukene zikaMasipala.
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba uthe iDolobha lizisusile izicelo ezilinganiselwa ku-977 zenani lika-R80 322 733. 70 million wezikweletu zamafa abashonile, kanti izicelo ezingu-335 zesamba sika-R33 852 886.20 million zisalindile. Izicelo ezingu 88 zenani elingaphezudlwana nje kuka -R8.7 million zichithiwe ngenxa yezizathu ezahlukene, nokushiye izicelo ezingama-561 zisacutshungulwa.
Umphakathi uyakhunjuzwa ukuthi izicelo zokucisha izikweletu zezindlu zisavuliwe, futhi izicelo zingenziwa ezikhungweni zabathengi bakwaSizakala.
Ukwesulwa kuzokwenzeka ngaphansi kwemibandela elandelayo:
• ozosula isikweletu kufanele kube esomuzi okuhlalwa kuwo, hhayi ibhizinisi;
• Isikweletu esithintekayo kumele sibe ngaphezu kwezinyanga ezingu-24;
• Ukuba khona komzuzi osaphila onetayitela elisemthethweni lokumela indawo ukugwema ukuvela kabusha kwesikweletu.
IMeya uXaba isiphinde yanxusa abahlomuli bezindawo abangasekho noma izihlobo zabo ukuthi balisebenzise leli thuba ngokuthi baye kuMasipala ukuze benze izinhlelo zokukhokha.