OWAMI THABETHE
URamaphosa uhlangane nozakwabo waseNigeria, uBola Ahmed Tinubu, eTuynhuys eKapa ngoLwesibili mhlaka 03 Disemba.
Uthe iNingizimu Afrika yenze lula inqubo yama-visa kosomabhizinisi baseNigeria nezivakashi, okwenza ukubambisana nokuhweba kufinyeleleke kalula.
“Uhulumeni wethu usaqhubeka nemizamo yokuthuthukisa ukuthi kube lula ukwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika, sifuna ukuthi abatshalizimali bakwazi ukusebenza, bahwebe futhi balandele amathuba emikhakheni eyahlukene.Sibheke ngabomvu ukubona izinkampani eziningi zaseNigeria zitshala imali eNingizimu Afrika.
“Imizamo yethu yokwakha isimo esikahle ihlanganisa inqubo yethu yokwenza ama-visa alula ukuze osomabhizinisi baseNigeria bavakashele eNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa.
Uphinde wachaza ukuthi osomabhizinisi base Nigeria bazonikwa ama visa emnyaka engu 5 futhi nezivakashi ezisuka e Nigeria sezizodinga I visa kuphela ukungena kuleli ngaphandle kokuveza I passport.
URamaphosa uphinde wabelana ngokuzibophezela kweNingizimu Afrika ekubhekaneni nezinselele zesifunda, njengezingxabano eDemocratic Republic of Congo kanye nentuthuko yangemva kokhetho eMozambique, ngezinqumo ezinokuthula.