UNdunankulu wase-KZN ubashayele ihlombe abomthetho ngokushaqa i-cocaine engu-R80 million

OWAMI THABETHE

UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ushayele ihlombe abomthetho ngokuthola i-cocaine ebiza ngaphezu kuka-R80 million eDurban Harbour.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abikelwe ngomkhumbi owasuka eBrazil ekuqaleni kukaNovemba uphethe i-cocaine eguqulwe njengobhontshisi wokudla.

Uthe umkhumbi ofike eNingizimu Afrika udlula kwelinye izwe, ubuqashwe ngeso lokhozi kwaze kwaba uMgqibelo mhlaka-30 Novemba lapho ume eDurban Harbour. Ikhonteyna ehlonziwe ithathwe yayiswa endaweni yokugcina izimpahla ekuSouth Coast Road endaweni yaseBluff ukuze ithululwe kahle.

“Ngesikhathi kuseshwa, kutholwe izikhwama ezingu-8 ze-cocaine egayiwe kanti ngokwamaphepha, izimpahla bezilibangise eGoli,” kusho uNetshiunda.

Kanti amaphoyisa asaphenya ukuze kutholakale umuntu othumele lezi zidakamizwa.

UNtuli uthe ukwanda kokuqapha kwamaphoyisa ezindaweni okuhloswe kuzo ubugebengu kuba nemiphumela emihle njengoba uphiko lwezobunhloli lusaqhubeka nokuqeda izenzo zobugebengu kuzo zonke izingxenye zesifundazwe.

UNtuli uphinde wayibonga imizamo yeSigungu Esilawula Imingcele, esisebenza ubusuku nemini ukuqinisa ezokuphepha kuwo wonke amachweba okungena nemingcele yesifundazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *