OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli uvale ngokusemthethweni imidlalo yesi-8 ye-SALGA KZNDSAC mhlaka 8 Disemba 2024, ebibanjelwe eThekwini.
Lo mcimbi, ohlanganise abasubathi abavela kuzo zonke izifunda ezingu-10 kanye nedolobha elikhulu, ukhombise ubungcweti kwezemidlalo, namandla ezemidlalo ukugqugquzela ukubumbana komphakathi nokukhula komnotho.
UNdunankulu uNtuli uhalalisele bonke ababambe iqhaza ngokuzinikela nangokuthanda imidlalo, egcizelela iqhaza lezemidlalo ekuhlanganiseni imiphakathi nokufukula ithalente lentsha KwaZulu-Natali yonkana. Uncome uMasipala weTheku ngokusingatha ngendlela encomekayo wancoma le midlalo njengenkundla yokuvundulula ithalente elifihliwe nokuthuthukisa umnotho esifundazweni.
Le midlalo yesi-8 ye-SALGA ibingewona nje umcimbi wezemidlalo—bekuwumcimbi wokugubha ubumbano, ukuqina, nethemba lekusasa eliqhakazile KwaZulu-Natali. UNdunankulu uNtuli uqinisekise ukuzibophezela kwesifundazwe ekwenzeni ezemidlalo zibe yisisekelo sentuthuko yezenhlalakahle nezomnotho.
“Le midlalo isikhumbuze ukuthi ngezemidlalo singakwazi ukuvuselela ithemba, sikhuthaze abantu, sakhe iKwaZulu-Natali eqinile,” kusho uNdunankulu uNtuli.