USihlalo woSihlalo wamakomiti esiShayamthetho saKwaZulu-Natali wethule umbiko omayelana nokuhlolwa kwemisebenzi esifundeni Ilembe

USihlalo woSihlalo wamakomiti esiShayamthetho saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNNG Mahlaba, ngosuku lokuqala lomhlaka 31 Okthoba 2024 lokuyiswa kwesiShayamthetho esifundeni Ilembe, wabe esethula umbiko wakhe omayelana nalokho okutholwe amaqembu Axubile ngesikhathi kade ehambela omasipala abehlukene.

Okuqukethwe umbiko kwagxila kakulu kulokho okwadingidwa  ezigcawini zokuxoxisana nemiphakathi mayelana nokuhlinzekwa kwezidingongqangi lapho amalungu Omphakathi anikwa khona ithuba lokuxoxa nesiShayamthetho kanye neminyango kaHulumeni ehlukahlukene ngezingqinamba ohlangabezana nazo ezithinta ukuhlinzekwa kwezidingongqangi , nezinye izindaba ezihlobene nalokho, njengoba loluhlelo luhlose ukuxazulula izinkinga futhi luphucule indlela yokusebenza esobala nokuzibophezelela ukuphendula.

Umbiko ofingqiwe mayelana nemihlangano yomphakathi yethimba  lamaqembu Axubile uhlanganisa lokhu okulandelayo:

Umonakalo wezikhukhula nezinye izinhlekelele zango -2022,Inhlekelele yesiphepho esifundeni Ilembe ngo 2024, Isiyaluyalu somphakathi wase-KZN ngoJulayi 2021 kanye nokutapa ezitolo nokulandwa kwempahla etatshiwe,

Imiklamo yengqalasizinda :  le ndlela igxile ekusabalaleni kwezinkinga zenhlalo – mnotho , ngokwesibonelo , ezezindlu, ezokuphepha  nokuvikeleka , ezemfundo , ezokujabulisa , ezempilo , amanzi nokuthuthwa kwendle,njll,

Imiklamo engaqediwe , noma engaqhubeki kahle, noma engaqhubeki kahle ,noma esimile

Imiklalo eletha  izinguquko (Ngokuvumelana ne NDP/PGDS/PMTDP ne-DDM)  eyethulwa iminyango yesifundazwe kanye nezifunda nama -IDP akomasipala ,

Imiklamo eqediwe futhi yethulwa kubo bonke oMasipala (2019-2024)

Imiklamo esaqhubeka kubo bonke oMasipala, eyaqalwa kule Themu noma ngaphambi kuka – 2019-2024. kugxile kuleyo eqhubeka ngempumelelo , kanye

Imiklamo enegalelo ekukhuleni komnotho wesifunda, okungukuthi , imikhakha yomnotho oyinhloko, okungukuthi ezohwebo nezokuvakasha ;ezolimo , ezamahlathi nokudoba ; ezohwebo lwezitolo nokudayisa; ezezimayini nokumba inkwali ; ezokukhiqiza , ezokwakha kanye nezokuthutha; njll.

Imiklamo eyakhethwa  ehambisana  nezinkomba ze- NDP , i-MTDP, Kanye ne -PGDS, okwakulindeleke ukuthi isifunda iLembe sihambisane nakho

Ezemidlalo, Ezobuciko namasiko  izinkundla  zemidlalo zomphakathi; izindawo zokuzijabulisa ; ukwesekwa kwabantu bendawo ;imitapo yolwazi yomphakathi ; imitapo yolwazi yesikhashana, izindawo zobuciko nomsebenzi wezandla.

Ezemfundo nokuthuthukiswa komphakathi  Izikhungo zezinkulisa (ECDs), izinhlelo, nokusebenza kwazo ; ukusebenza kwezikole; i-NSNP, ezokuphepha kanye nezikole )

 KUMASIPALA WAKWADUKUZA

Ithimba lesiShayamthetho saKwazulu-Natali lavakashela uMasipala waKwaDukuza ngomhlaka 19 no 2 Septhemba 2024 njenge Thimba lamaqembu Axubile Elihlola Umsebenzi elandulela uhlelo lokuyiswa kwesiShayamthetho kubantu (TLtP). Inhloso yalokho kwakuwubona ukuthi ingakanani intuthuko  esiyenziwe ekuqaliseni uHlelo lwentuthuko lukaZwelonke (NDP) kulo Masipala.

UMASIPALA WASEMANDENI

IThimba lesishayamthetho sase-KZN lamaqembu Axubile lahlola umsebenzi kuMasipala waseMandeni esifundeni ilembe. Lo mbiko ukhuluma ngemiphumela eyatholakala lapho kuxoxwa nomphakathi.

Ukuhlinzekwa kwezinsiza zezempilo: eDokodweni izakhamuzi zakhalaza ngokulinda kolayini amahora amaningi, kanye nokushoda kwemithi emitholampilo yendawo. Izakhamuzi zaphinde zatshela ithimba ukuthi izithuthi zeziguli zithatha isikhathi eside ukufika uma zibiziwe

Izikhungo zezemfundo: kwavela nokuthi kweziphepho ezihambisana nezimvula kwenza umonakalo ezikoleni zendawo izakhamuzi zacela uMnyango wezemfundo  ukuba uhlele ukuthi ingqalasizinda elimele yakhiwe  kabusha

Amathuba nokweseka kokuthuthukiswa komnotho wendawo :Aphakame amazinga okusweleka kwemisebenzi ezindaweni  ‘ezisemakhaya nezisemalokishini’. nasezindaweni ezinjengeyezimboni  yakwaSithebe izakhamuzi zaveza ukuthi amathuba mancane futhi ngokujwayelekile zincintisana nabantu bokufika kuleli ukuze zithole imisebenzi .ilesi isizathu esenza izakhamuzi azazisemhlanganweni  womphakathi eMandeni zacela uhulumeni ukuba anganele futhi  axazulule izinkinga zabasebenzi ezisembonini .izakhamuzi zaphinde zacela nokuba uhulumeni awaxhase kakhudlwana ngezimali nangobuxhakaxhaka amabhizinisi amancane kanye nezinkampani zomphakathi

UMASIPALA WA-KWAMAPHUMULO

Lo mbiko weThimba lamaqembu axubile ukhuluma ngokuvakasha kwesishayamthetho sase-KZN  ku Masipala wakwaMphumulo esifundeni,naphezu komsebenzi omuhle owenziwa uMasipala ukuqinisekisa ukuthi abantu bakwa Maphumulo bayazithola izidingo , kusekhona la kusengakathuthukiswa khona mayelana nokuhlinzekwa kwezidingo. Lokho kwacaca phakathi nemihlangano womphakathi ,abantu baphakamisa lezi zinkinga kidwa akuzona zodwa.

Ukuhamba kancane komklamo wokwakhiwa kwezindlu:Kwaphakanyiswa izikhalazo zokuthi imiklamo yokwakhiwa kwezindlu ithatha isikhathi eside ukuqedwa nesokuthi abantu sebelinde ohlwini  lwabalindele izindlu isikhathi esingaphezu kweminyaka eyi-10.Abantu banokukhubazeka bakhishwa ohlwini lwabazothola izindlu.

Ukusweleka kwamanzi: imiphakathi yakhalaza ngokuthi ishodelwa amanzi ezindaweni zayo futhi umasipala akawaathumeli amamoli amanzi ukuze asize. Abekho ompompi namapitsi omphakathi ukuze abantu bathole amanzi

Ingqalasizinda enganele  kanye nemigwaqo engenayo:Yakhala ngokuthi iningi  lemigwaqo yakwamasipala eyinakiwe futhi idinga ukulungiswa.ezimweni la yayithuthukiswe khona , usonkontileka akaqedanga umsebenzi . Imiphakathi yakhalaza ngokuthi imigwaqo engenayo isesemweni esibi noma ayikho nhlobo  kwezinye izindawo kangangokuthi izithuthi zibehlisa kude kakhulu abantu nasemakhaya abo ngenxa yesimo semigwaqo engenayo

Ukungafinyeleleki  kwamaphoyisa : Iziteshi zamaphoyisa zikude nomphakathi futhi amaphoyisa  awazibophi izigebengu .imiphakathi yakhalaza ngokuthi iyazibika izigebengu kodwa ngiosuku olulandelayo ziyabuya zizohlukumeza umphakathi engenayo.

Amazinga aphakeme okusweleka komsebenzi: Imiphakathi yakhalaza ngokuthi awukho umsebenzi kule ndawo.

Ezokuhlaliswa Kwabantu: Kunezinga eliphezulu lesibalo sabantu abadinga izindlu zemixhaso okuhlanganisa nokungalungiswa kwalezi ezikhana, kanye nesibalo esiphezulu sabadinga izindlu zangasese ezingxenyeni zendawo yaseNdwedwe.

Ezemidlalo, EzobuCikonamaSiko: Amalunga omphakathi acela ingqlasizindayemidlalo , imitapo yolwazi, namalabhorethri.

Ezokuthutha: Kunesidingo semigwaqo engenela ngaphakathi ezindaweni zomphakathi, kanye namabhuloho.

Ezemfundo: Isidingo sezinkulisa kanye nezithuthi zabafundi.

Ezithinta yonke iminyango: Ukuqedwa kwenhlese yezepolitiki uma kudalwa amathuba emisebenzi, bonke abantu bathole amathuba alinganayo.

Amalunga omphakathi azwakalisa ukubonga uhulumeni ngezingqalasizinda eziphothiliwe ikakhulukazi amahhoo, imiklamo yamanzi, ugesi izikhungo zemidlalo nokunye.

ISIFUNDA ILEMBE

Lapha ithimba lamaqembu Axubile lagxila kakhulu, ekuhloleni ukuthi sekuhambe kangakanani ukwethulwa kohlelo lwentuthuko lukaZwelonke (NDP) kulesifunda Ilembe.

Ezempilo: Amalunga omphakathi acela ukuthi onompilo abanakekela abantu abagulayo nabadala babuyiswe, kanye nokubuyekezwa kwesikhathi esithathwa ama-Ambulense ukufinyelela lapho ebizwe khona, nokuthi kwengezwe isibalo sawo.

Ezokubusa ngokubambisana Nezomdabu: Kunesidingo sokwengezwakwezindlu zangasese, kanye nokuhlinzekwa kwamanzi nogesi kuzo zonke izigceme zaseNdwedwe.

Ezokuphepha Nokuxhumana Komphakathi:Umphakathi wanxusa kube nesiteshi samaphoyis esingumahamba-nendlwana eNdwedwe.

Ezolimo Nokuthuthukiswa Komphakathi Kwezindawo Zasemakhaya: umphakathi wacelausizo lokuselwa ngezolimo kanye nokuhlinzekwa ngezimbewu.

Ezokuhlaliswa Kwabantu: Umphakathi wakhala ngokushoda kwezindlu zomxhaso (RDP) kanye nalezo ezingaqediwe ukwakhiwe.

Ukwesweleka kwamamanzi: umphakathi wakhala ngenkinga yokuswelka kwamanzi yize ikhona ingqalasizinda njengoba kuphela amaviki engaphumi kompompi.

Inkinga yomhlaba: Inkinga yokungakwazi ukuqinisekisa ubunini bomhlabaabakhe kuwona, kanye nalabo abasuswa ngempoqo.

Osomabhizinisi: Inkinga yosomabhizinisi abangosonkontileka abafuna ukuqashwa ngenkani kuMasipala waKwaDukuza.

Ezinye izinkinga  okwakhulunywa ngazo kwaba izinkinga ezimayelana nezokuthutha, ezokuthuthukiswa komphakathi,nezokuvakasha ezemisebenzi,ezokulimo nokuthuthukiswa kwezindawo, ezempilo, kanye nezinkinga ezimayelana nemisebenzi kaCOGTA.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *