IKwaZulu-Natali iphume isibili ngo-89.5% ku-matric ka 2024

ESITHOMBENI: Kwesobunxele uNgqongqoshe wezeMfundo kaZwelomke uNkszn. Siviwe Gwarube kanye nabafundi baka Matikuletsheni abenze kahle kakhulu ku-Matric ka-2024

SHEILA MHLONGO

Isifundazwe saKwaZulu-Natali siphume isibili sithola u-89.5% silandela emuva kwesase-Free State esithole 91% ngemiphumela ka-matric  kuzwelonke (National Senior Certificate) wabafundi baka 2024.Lemiphumela imenyezelwe uNgqongqoshe wezeMfundo emabangeni aphansi kuzwelonke uNksz. Siviwe Gwarube  ngoMsombuluko womhlaka 13 Januwari eGoli.

UNgqongqoshe uGwarube uncome kakhulu abafundi bonyaka ka 2024 ngomsebenzi wabo omuhle, wathi iyancomeka imizamo yabo njengoba ikhuphuke ngo 4.4% imiphumela yalonyaka uma kuqhathaniswa nonyaka ka 2023.Kanti izinga lokuphasa kuzwelonke likhule lafinyelela ku 87.3%.

Isifundazwe saKwaZulu-Natali sihole izwe lonke ngemiphumela yabafundi abangu 83,000 abaphase nge Bachelor, lokhu okwenze ukuthi labafundi bakwazi  ukwedlulela ezingeni lemfundo ephakeme. IKwaZulu-Natali ilandelwa iGauteng ngabafundi ababalelwa ku 66,000 abaphase nge bachelor belandelwa i-Eastern Cape ngabafundi abangu 45,000.

UGwarube uphinde wancoma kakhulu iqhaza lothisha, abafundi, kanye nomphakathi wonkana, waphinde wancoma ukuzimisela kwabafundi bekilasi lika 2024 njengoba baqala imfundo yebanga eliphakeme  ngesikhathi esasinzima sobhubhane lwe-Covid-19.

“Lempumelelo engaka ayenzekanga nje ngenxa kahulumeni eyedwa, kodwa kungenxa yokusebenza ngokuzikhandla kothisha, abafundi, kanye nomphakathi wonkana.” Kusho uGwarube.

“Ngesikhathi sobhubhane lwe Covid-19 abanye benu kwamele basebenzise indlela  yokufunda Online behlushwa izinsiza ezingenele. Ukusebenza ezimeni ezinzima kwakungelula neze, kodwa nakwazi ukubekezela nakhombisa ukuthi angeke nikuvumela ukuthi izinkinga zivimbe indlela yenu eya empumelelweni.”

UGwarube uphinde waphendula mayelana nombono  wezinga lesibalo  sabafundi abaqeda ibanga lika-matric, wathi abafundi ababalelwa ku 1,2million abangena ku Grade 1 okugcine ngokuthi kube abangu 74,000 kuphela abagcine bekwaze ukuhlalela izivivinyo zika-matric ,

“Lokhu akwenzeki nje ngoba abafundi behlulekile ukuqhubeka nemfundo kodwa kungenxa yokuthi iningi labo selixolela ukungena kweminye imikhakha yemfundo yezamakhono besuka kuGrade 9.” kuqhuba uGwarube.

Ngakolunye uhlangothi iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo Emabangeni Aphansi uDktl. Reginah Mhaule, uphendule mayelana nombono ogxeka izinga lemfundo eNingizimu Afrika elingamaphesenti okuphasa angu 30, waphendula wathi amaphesenti angu 30 akakaze abe izinga lokuphasa eNingizimu Afrika, ngoba umfundi uma ethole amamaki angu 30% akakwazi ukwedlulela phambili , lokho okusho ukuthi umfundi ufeyilile, lolulwazi olungelona iqiniso lihleli liphindwa phindwa minyaka yonke. Kodwa umnyango uzimisele ukuthi abambe izingxoxo mayelana naloludaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *