OwezeMfundo KwaZulu-Natali umemezele imiphumela yekilasi lika-matric ka 2024

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali uMnu. Sipho Hlomuka umemezele imiphumela yebanga leshumi nambili (matric) yekilasi lika 2024, ngoLwesibili lomhlaka 14 Januwari 2025 eChief Albert Luthuli(ICC) eThekwini.

UNgqongqoshe uHlomuka uqale ngokuhlonipha uSolwazi (Prof). Sibusiso Bhengu ongasekho emhlabeni, owaba uNgqongqoshe wokuqala wezeMfundo kuzwelonke ngaphansi kombuso wentando yeningi,  ngeqhaza lakhe lokwenza ngcono ezemfundo kuleli.

UHlomuka uthe beyisifundazwe saKwaZulu-Natali bayaziqhenya ngabafungi bekilasi lebanga leshumi nambili ka 2024, nakuba kwadingeka babhekane nezinkinga ezadalwa ubukhona bobhubhane lweCovid-19 okuhambisana nezinkinga ezadalwa izikhukhula, kodwa bakwazi ukuthi bathole imiphumela emihle ka 89.5% . Waphinde wadlulisa ukuncoma isifunda uMkhanyakude ngokuhamba phambili ngemiphumela engu 92.8%.

“Ngidlulisa ukubonga kwami okukhulu kothisha  kubazali, kanye nazozonke izinhlaka esibambisene nazo kwezemfundo ngomsebenzi wazo omuhle wokweseka izinhlelo zemfundo. Luyaqhubeka uhambo lokwenza ngcono ezemfuno njengoba siphokophelela ukucija ikusasa eliqhakazile labaholi bakusasa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *