UMasipala weTheku unxusa izakhamizi zibike ngokulahlwa kukadoti ezindaweni ezingafanele

SHEILA MHLONGO

Usuqalile umsebenzi wokuhlanzwa kwendawo engekho emthethweni yokulahla udoti esemgwaqeni uSagittarius ngase Chatsworth Garden Refuse. Ithimba labasebenzi boMkhandlu ngokubambisana namavolontiya avela eChartsworth angamalunga omphakathi okhathazekile nawo abeyingxenye yalomsebenzi wokuhlanza lendawo.

Izakhamizi ziyanxuswa ukuthi zikhumbule iChatsworth Garden Refuse Site, iyindawo eyenzelwe ukulahla imfucuza ephuma ezingadini kuphela, futhi zivunyelwe kuphela ukulahla imfucuza egcwele iveni elilodwa kuphela kanye ngesonto. Lokhu kumahhala.

Izakhamizi futhi zinxuswa ukuthi ziqaphele izindawo zazo ziphinde zibike uma kuba khona abalahla udoti noma ikuphi ezindaweni zemiphakathi . Lokhu bangakwenza ngokuthi bathinte uPhiko lwe Cleansing and Solid Waste kwi- helpline : 031 311 8804 noma bethumele  email: DSW@durban.gov.za ngoba ukugcina iTheku lihlanzekile kungumsebenzi wabantu bonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *