I-UKZN izilungiselela ukwamukela izitshudeni ezintsha  ezingaphezu kuka 8,000

SHEILA MHLONGO

Inyuvesi yaKwaZulu-Natali isiqalile amalungiselelo okwamukela izitshudeni ezintsha emva kokudedelwa kwemiphumela kamatikuletsheni. Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba sithi inyuvesi izoqala ukukhipha izaziso ezozithumela kwizitshudeni ezifake izicelo, ezimayelana nokwamukelwa kwazo.

Isitatimende siqhuba sithi ngonyaka ophelile inyuvesi ithole izicelo ezingaphezu kuka-290, 600, kanti zibalelwa ku 8,600 izikhala ezikhona zokwamukela izitshudeni onyakeni ka-2025, Kanti zikhona ezinye izicelo ezamukelwe onyakeni ophelile.

Zonke izicelo zizokwaziswa ngokushesha njengoba sekukhiswe imiphumela kamatikuletsheni bekilasi lika-2024 inqobo nje uma abafake izicelo bezokwazi ukugcina izimfuno.

Iningi lezicelo ezalabo abafisa ukwenza iBachelor of Education, Bachelor of Nursing, kanye ne Bachelor of Social Science. 

Ukuhambisana nenqubo yeminyaka eyedlule inyuvesi isaqhubeka yamukela izicelo ezifakwe online kuphela.

Izikhulu zenyuvesi angeke zikhiphe izimemo  kulabo abafuna ukufaka izicelo noma ukuletha amafomu okanye ukuzobhalisa, ukuthi beze kumakhempasi abo.

Inyuvesi ifisa ukuxwayisa izitshudeni ezizoqala ukuthi zingalinge zivume ukulalela amaqola okuhlanganisa labo abathembisa ukutholela izikhala ngaphakathi e-UKZN ngoba befuna ukuthola inkokhelo.

Izikhala zokungena e-UKZN azidayisi. Kunxuswa umphakathi ukuthi uma uhlangabezana namaqola ubike emaphoyiseni (SAPS).  Inyuvesi iyobathathela izinyathelo zomthetho labo abasebezisa igama kanye nelogo yenyuvesi ngomgunyathi ngenhloso yokuqola izitshudeni.

Izitshudeni ezifisa ukuthola izikhala zokufunda kanye nomphakathi wonkana uyaziswa ukuthi uma udinga ulwazi ngenyuvesi komele usebenzise noma uvakashele I- UKZN website (www.ukzn.ac.za) kanye nezinkundla zokuxhumana zayo I-UKZN.

Okunye izenzo zomgunyathi zingabikwa kwinombolo ye: toll-free number (0800 203 285), via email at ukzn@tip-offs.com, noma kwi -website https://www.tip-offs.com.

Isimesta yokuqala yokufunda izoba ngomhlaka 10 February 2025. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *