SHEILA MHLONGO
Sekukhishwe izimoto zabathuthi bezingane zesikole ezibalelwa ku-47 KwaZulu-Natali bavinjwa nokuthi bangathuthi izingane lokhu okwenzeke ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole kunyaka ka-2025.
Ukukhishwa kwalezimoto kudalwe ukuthi kungenxa yokuthi zitholakale zingekho esimeni esihle sokuthi zibe semgwaqeni (unroadworthy). Lokhu kulandelwe ukuhlolwa kwamabhasi abalelwa ku-245 kanye namakhumbi athutha izingane zesikole ezibalelwa ku-77,369 abahamba ibanga elingama khilomitha amathathu (3) beya ezikoleni ezingu -433 esifundazweni saKwaZulu-Natali.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu. Siboniso Duma uyena obehola ithimba lamaphoyisa omgwaqo abehlola izithuthi.
UDuma uphinde wezwakalisa ukuthi ithimba eliphezulu lamaphoyisa omgwaqo angaphansi koPhiko lwe- Road Traffic Inspectorate asazoqhubeka nalomkhankaso wokuhlola izithuthi eziteshini ezingomahamba nendlwana ezibalelwa ku-26.
“Ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka sikwazile ukuqhuba umkhankaso wokuphepha emgwaqeni ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho kanye nokuqapha kwamaphoyisa omgwaqo, sifuna ukuqhubeka nalokhu njengoba sekuvulwe izikole ukuze siqinisekise ukuphepha kwabafundi.”kugcizelela uDuma.
“ Sifuna ukuthi labo abathutha abafundi bazi ukuthi bathwele ikusasa lesifundazwe.Abantu abanomqondo ophusile abangakwazi ukuthutha baphinde bafeze izifiso zesizwe.” kubeka uDuma.
UDuma uthe uyakuqonda futhi ukuthi imiphakathi eminingi ekhahlamezekile ngenxa yengqalasizinda yemigwaqo,amabhuloho. Kanye nezakhiwo zabantu, okudalwe izimvula ezinamandla ezaqala ngomhlaka 31 Disemba 2024,nakuba kunezingqinamba zokungabikho kahle kwezimali kodwa bazokwenza konke okusemandleni ukushintsha isimo.
Amathimba avela kuyo yomibili iminyango ezokuthutha kanye nokuhlaliswa kwabantu asahlola isimo somonakalo semindeni ekhahlamezekile.Siyethemba ukuthi kulonyaka omusha sizokwazi ukuthola isabelomali esanele ukuze sikwazi ukuhlinzeka izimoto zokuthutha izingane zesikole ezibalelwa ku- 157 538 ezisohlelweni lokulinda esifundazweni. Kanti imali edingeka ukuhlinzeka lokhu ibalelwa ku- R1, 6 billion.” Kuphetha uDuma.SANews.gov.za.