Injabulo yemiphumela emihle kubafundi bakamatikuletsheni iphenduke indumalo njengoba kuvulwa izikole ngenxa yokweswela izidingo zesikole

WONDER NGCOBO

Isasasa lokuvulwa kwezikole nemiphumela emihle kamatikuletsheni ibuyele nganeno masishane kwabathile ngenxa yokudlanga kwezinkinga ezikhungethe umnyango wezemfundo kuleli, abazali ababejabulela ukuphumelela kwabantwana babo njengoba isifundazwe sakwaZulu Natal sithole 89,5% kodwa leyonjabulo iphela masinya uma uzibuza ukuthi bangakanani abaqedile kodwa dololo umsebenzi? bangakanani abasafunda njengoba abanye benza unyaka wesibili kukhona abenza unyaka wokugcina, ngakube uHulumeni waseNingizimu Afrika usukwenze konke yini ukuze baqasheke uma sebeqede ukufunda noma kusazohlelwa?.

Njengamanje umnyango wezemfundo ubhekene nesikhathi esinzima lokhu kuvele obala ngenkathi umphathiswa womnyango wemfundo kwaZulu Natal uSipho Hlomuka evakashele izindawo ezithile ngaphansi kwesifunda ILembe njengengxenye yomkhankaso wakhe obizwa nge-Back to School, nalapho edlulise khona ukukhathazeka kwakhe ngezimo ezithinta umnyango njengokuntshontshwa nokulinyazwa kwengqalasizinda kaHulumeni ezikoleni, ukugcwala ngokweqile ezikoleni, ubugebengu nezidakamizwa, ukushoda kothisha, ukungaqashwa kothisha sebefunde bagogoda ube esethembisa ukuhlela umhlangano ophuthumayo lapho kuzodingidwa lezinselelo ezibhekene nomnyango. Bacishe bafinyelele ku-30 000 othisha abangenamisebenzi ngenkathi kunezikhala zothisha ezingaphezu kuka-31 400 ezidinga ukuvalwa masinyane lokho kuqinisekiswe umnyango wezemfundo mhlaka 18 kuMbasa wonyaka ka-2024. Kanti kuthe ngomhlaka 07 May 2024 uNdunankulu wakwaZulu Natal uMnu. Thami Ntuli wamemezela isabelo mali ebesihlanganisa nesamba sika R6, 4 Billion wamarandi esiqondene nomnyango wezemfundo ukulekelela ekukhokheleni othisha abakweletwa nguHulumeni kuphinde kuqashwe othisha abazovala izikhala ezikhona kulomnyango, esingazi ukuthi kwenzekile yini lokho kuze kube manje.

Ngaphezu kwalokho wona belu uMnyango wezeMfundo usabhekene nengwadla emva kokuphasiswa kwezigatshana ezimbili zomthetho i BELA BILL, isigatshana esimayelana nokubhaliswa ezikoleni kanye nesigatshana esimayelana nokusetshenziswa kolimi ezikoleni, lesenzo sesidonsele uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa kanye nalowo onguNgqongqoshe wezemfundo uSiviwe Gwarube abathunyelelwe incwadi yomthetho yizinhlangano ezingahambisani nokuphasiswa kwalomtheshwana nalapho zikhala ngokuthi kuwukubukela phansi umsebenzi wezigungu ezibhekele ukuphathwa kwezikole, Lezinhlangano sezinqumele laba bobabili umnqamulajuqu ukuba balungise lento ngaphambi kokuba bazithole sebegqigqa izinkantolo. Kwenzeka lokhu nje abafundi kwezinye izikhungo kubathathe isikhathi ukuthola imali yoxhaso esikhungweni esibhekele isikhwama sabafundi uNSFAS nokuholele ekutheni abafundi bavalelwe izindlu ababehlala kuzo ngenxa yokukweleta omastende, ngaleyondlela abanye abafundi balale esigangeni kwathi abanye bachitha ubusuku bonke besenxanxatheleni yezitolo uMlazi Megacity ukuze baphephe. Leso sehlakalo sithukuthelise isigungu esibhekele abafundi esikhungweni ngaphansi kweqembu le-EFF abangazange bananaze bavele bavala amasango esikhungo kwama nse ukubhaliswa kwabafundi e-Coastal KZN TVET college ese-Lamontville eseNingizimu yeTheku.

Lokhu kuqinisekiswe isikhulumi sesigungu sabafundi ngaphansi kweqembu le-EFF uYaya Mnikwa othe  bathathe isinqumo sokuvala amasango ukuze u-NSFAS ezokhokha masinyane izimali abakweleta zona, khona manjalo kubikwe ukuthi kunezikhungo ebezithumela abafundi emakhaya ukuba bayofuna imali engangezinkulungwane ezintathu (R3 000) wokubekisa indawo yokuhlala ngenkathi imali ingakafakwa okuzokwenza ukuthi uma sekungena izimali babe bengenasikweletu sendawo yokuhlala. lapho umnyango usihlabe wasihlikiza lesosenzo wenxusa abafundi ukuba babike lezo zikhungo, wathi ayikho imali okumele ikhishwe umfundi ephaketheni ayikhokhe esikhungweni wathi lokho kuwubugebengu bonke abenza lokho bazobhekana namacala enkohlakalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *