WONDER NGCOBO
Kushintsha ukukhuluma ngembangela yokwedlula kwabantwana abathathu kwangeniswa esibhedlela umama nogogo wazo kwase kufa nenja eyadla umphalazo wengane, emva kokuthi umndeni wakwa Ndlovu eCabhane endaweni yase Mthwalume wadla irice nobhontshisi wase ujuqwa ukugula belunywa yizisu bephalaza nokwaphetha ngokuthi bethuthelwe esibhedlela sendawo. Emva kwesikhashana bengenisiwe esibhedlela izingane ezimbili zabafana eziphakathi kweminyaka engu 2 nengu 6 yobudala abafihlwa ngempelasonto elandelayo bobabili lapho umngcwabo wabo wengamelwa wumkhandlu UMzumbe Municipality, nokwathi ngelanga lomngcwabo kwafika umbiko othi ingane eneminyaka engu 11 yobudala nayo isidlulile emhlabeni, yonake yafihlwa ngoLwesihlanu olwabe lulandela. kanti umama washesha wakhishwa esibhedlela kwasala ugogo owakhishwa sekusondele umngcwabo wesibili.
Izindaba ezintsha ezithi sekuvele ukuthi njengoba kwabikwa ukuthi kunezinsolo zokudla ababekudlile ukuthi kwabe kufakwe ushevu umakhelwane wabo abangabhekani naye nokubikwa ukuthi sebeze bavulelana icala esiteshini samaphoyisa aseHibberdene nelachithwa ngenxa yokushoda kobufakazi.
Kubikwa ukuthi amanzi abaqale basola ukuthi umakhelwane wabo uwafake ushevu ethankini, omama abangomakhelwane bahlangana ngenhloso yokuthesta lamanzi okwabe kuthiwa anoshevu nalapho kwavolontiya isishoshovu sikamama ongumakhelwane wokuqina odume ngelika Vimboh nowawathesta amanzi nempela wangalunywa wangafa nabanye omame base bewaphuza ngempela kwangenzeka lutho nakubo kwase kucaca ukuthi inkinga ayikho emanzini.
Omakhelwane basola wona lomndeni ngokungabi nakho ukuthula njenga lokhu nalapho babesuka khona ngaphambi kokuthi bafike kulomuzi abakuwo manje bathi washiswa yingane yakwamakhelwane wabo ababengezwani nabo, kwasiza indoda yakhona eyaphumela obala yathi umuzi ushiswe yikhandlela elisale livutha. base befakwa yinduna yendawo emzini owabe ungasahlali muntu. njengoba bengezwani nomakhelwane kwakhona lapho.
Umakhelwane ongathandanga ukuveza igama lakhe uthi indaba kashevu yindlela nje yokupenda umakhelwane ngobende inyama engayidlile. Wathi bonke abantu bayazi endaweni ukuthi lomndeni uphila ngemali yezibonelelo zikaHulumeni ngale kwalokho bonke bayaphanta njengoba umama nendodakazi beyaye balime izingadi emzini yabantu benze newashingi ukuze bezothola ukucoshacosha okushodayo, kanti njalo uma kunguMsombuluko bayaye bavuke bonke ubaba umama indodakazi nezingane kuhanjwe ibanga elingaba amakhilomitha evile kwayishumi ngezinyawo belibangise esilungwini eHibberdene beyocosha kochitha abangakwazi ukukusebenzisa njengalokhu indoda ikwazi ukukhanda izinto ezisebenza ngogesi, kwesinye isikhathi bathola nezinto ezidliwayo okungenzeka ukuthi loshevu obulele izingane ubusezintweni abazithole kochitha ikakhulukazi njengalokhu kwavalwa ukucosha kochitha ngenxa yokuthi amaphara adabula oplastiki ashiye kumoshekile. Lokho kwenza abelungu bafake uphoyizeni ukuze abantu bangacoshi. kuphetha umakhelwane.