SHEILA MHLONGO
UMengameli weze uMnu. Cyril Ramaphosa usenxuse uSomlomo wePhalamende uThoko Didiza kanye noSihlalo we National Council of Provinces uRefilwe Mtsweni- Tsipane ukuthi balungiselele ukuthi kube nokuhlala kwePhalamende (Joint sitting) ngenyanga ezayo.
Ngesikhathi sokuhlala kwePhalamende uMengameli uyobe esethula inkulumo yesizwe (State of the Nation Address) yesikhombisa selokhu kwaba nombuso wentando yeningi.
UMengameli ubiza lokhu kuhlala kwePhalamende ngokulawulwa umthetho wesigaba 84(20 (d) woMthethosisekelo kanye noRule 13(1) we Joint Rules of Parliament. UMthethosisekelo uchaza ngokuthi uMengameli uyena okumele abize iNational Assembly, iNational Council of Provinces noma iPhalamende ukuze kuqhutshwe ukuhlala okwehlukene komsebenzi wePhalamende.
Ngesikhathi sokwethulwa kwenkulumo yesizwe (SONA), uMengameli uchaza ngalokho osekwenziwe, ukuveza izingqinamba, nokuthi achaze ukuthi yini ezokwenziwa ngonyaka wezimali olandelayo, ukulungisa isimo.
“Lokhu kuhlala kusuke sekulungisela ukuqala kwezinhlelo zomsebenzi wephalamende kuphinde kucaciswe ngemigomo kahulumeni eseqhulwini nokuthi uzozenza kanjani kunyaka omusha.” kusho isitatimende sephalamende.
Kulonyaka inkulumo kaMengameli iyosingathwa ngoLwesine lomhlaka 6 February 2025, eCape Town City Hall. Uyosakazwa bukhoma kwi Parliament TV ku DSTV Channel 408 kanye naku Parliament You Tube Channel. SANews.gov.za