USomabhizinisi wesifazane waseMlazi ubonga uxhaso lomyeni wakhe 

WONDER NGCOBO

Usomabhizinisi omnyama osemncane ozalelwe wakhulela eMlazi esigcemeni sakwa K, ogama lakhe ungu Vuyiswa Mhlangu Manzini onebhizinisi lokucwala izinwele ,ubuso, izinzipho kanye nezinwele elaziwa nge Sylba Rose Salon, naliqamba ngenhloso yokuhlonipha ugogo wakhe ongukunguye owamkhulisa wamenza lokhu ayikho namhlanje, Uchaze ugogo wakhe uSylba Rose njengomuntu owayenobubele obumangangalisayo, umuntu owayehlala efisa ukwelula isandla kulabo abasweleyo ngisho noma naye engesenalutho kodwa umuntu owayencamela ukwehlukanisa okuncane ukuze kuthole nomunye osweleyo.

UVuyiswa uthi ukusungula lelibhizinisi wakweza emva kwezikhathi ezinzima njengalokhu ubengenamsebenzi engazi nokuthi uzothathani ahlanganise nani ngoba imisebenzi ubeyithola kodwa isheshe iphele nokwathi ngokuhamba kwesikhathi umyeni wakhe wambuza ukuthi yini angayenza ngezandla zakhe uma engathola uxhaso? njengomuntu wesifazane osemncane nozithandayo into enobuhle beyihamba phambili wathi angathanda ukucwala izinwele zabantu abenze babe bahle njengaye. uthi emva kwesikhathi umkhwenyana wakhe wamthatha wathi abayothenga yonke into azoyidinga njengoba ukuhlala ekhaya kwase kungathi kumphithanisela ngekhanda.

Uthi nakuba kwake kwathi ukuba nzima esaqala ngenxa yezinkinga zokungabi nayo indawo kodwa wagcina esephumelele njengoba indawo yakhe yokuqala  yakwazi ukuzala eyesibili ngokunjalo neyesibili yazala eyesithathu njengoba manje enezindawo ezintathu ezahlukene. indawo ese-Amen shopping centre kuWest street eThekwini, Isipingo Boutique bese kuzoba neseSipingo opposite noShoprite.

Njengomntwana kaNkulunkulu uthi ubusiswa yincwadi ka-Isaiah 60: 22 ebhayibhelini ethi “Uma ufuna ukuhamba ngokushesha, hamba wedwa. kodwa uma ufuna ukuhamba ibanga elide bambisana nabantu”, uthi kungenxa yalelizwi wathatha isinqumo sokuthi naye noma engenalutho olutheni kepha elule isandla abuyisele emphakathini ngokuthi aphume umkhankaso wokusiza abantu abafisa ukungena kuloluhlobo lwebhizinisi lezobuhle ikakhulukazi njengoba imisebenzi yenqabile nje, abantu bayafunda bagogode kepha kwale uma sekumele baqashwe lokho okwenza abantu abaningi bagcine sebenza izinto ezingenamsebenzi neziphambene nentando kankulunkulu, kuloluhlelo uthole abantwana abangaphezu kwamashumi amahlanu (50) ababefuna ukuba yingxenye yaloluqeqesho lwamahhala kodwa ukungabikho kwezimali kwenza sehla lesi sibalo njengoba egcine eseqeqesha abantu abangevile emashumini amabili (20).

Umzali womunye wabahlomulile kuloluqeqesho uthe wabona isikhangiso wase efaka isicelo uthi ngokomthetho wayefuna ukuyofunda yena ngokwakhe kodwa ngoba ubenengane eqeda umatikuletsheni wadedela yona, uthe uyayibona imisebenzi ka Sylba Rose ngoba akudingekanga nokuthi iqede indodakazi yakhe kodwa ibisikwazi ukwenza izinzipho khona ekhaya. kanti uZinhle Mabhija obeyingxenye yohlelo uthi njengoba eqede umatikuletsheni ngonyaka owedlule ufisa ukuyofundela ubuhlengikazi ngakho manje izinto zilula ngoba usevele athole ucingo lomuntu ofuna ukwenziwa abemuhle kanjalo abe esezitholela imali njalo, uthi uyabonga kumama wakhe ngokunjalo noSylba Rose ngethuba abamnike lona, uqhube wathi ubehlele ukuthi avule ikhadi lasebhange ngonyaka ka-2025 kodwa ngenxa yokuthi ubesenemali kwangonyaka ka-2024 uphoqekile ukuba alivule ngawo uthi kumanje ulindele ukuya esikoleni kodwa unemali ethi yena ebhange.

U Vuyiswa we Sylba Rose uphethe ngokubonga umyeni wakhe ngokumsaphotha kukho konke akwenzayo, intatheli yephephandaba iKZN community newspaper ngethuba abamnike lona, wase ecela uxhaso kulowo ongafisa ukwelula isandla ngezinsizakusebenza njengoba efisa ukuqhubeka nakulonyaka asize nabanye abantu, uthi kuba nzima kakhulu uma uzohambela izindawo kunezindleko ikakhulu njengoba yonke into isathengwa nguye.” ukuba kuya ngami kulonyaka bengizohambela nezindawo zasemakhaya kepha ngokwethemba umdali uxhaso luzoqhamuka basizakale abantu baseNingizimu Africa, abafisa ukuxhumana nami ngoxhaso noma ngemibono angathumela i-email kuvuyiswamhlangu738@gmail.com” kuphetha uVuyiswa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *