WONDER NGCOBO
Bavele kafushane mhla zingu-23 Januwari, enkantolo kaMantshi yaseMlazi abasolwa ababili abaphakathi kweminyaka engu-25 nengu-39 ababhekene namacala ahlanganisa elokudlwengula nelokubulala ingane yentombazane engu Wandile Ngcobo wase Mlazi oneminyaka engu-17 ubudala obefunda e-Durban Girls, ngenhloso yokufaka isicelo sebheyili. kubikwa ukuthi abasolwa bangena emzini wakwaNgcobo ngenkathi ubaba womuzi engekho esemsebenzini bafica ingane yentombazane eyabe ingayanga esikoleni ihlezi yodwa, base beyidlwengula maqede beyigwaza yaze yashona bathatha umakhalekhukhwini wayo nowasiza ekutholakaleni komsolwa ePhilani.
Ubaba kamufi ogama lakhe ungu Mondli Ngcobo uthi wafonelwa omakhelwane bemcela ukuba aphuthume ekhaya masinyane nempela wenza kanjalo uthi wasola uma efika ekhaya kugcwele abantu, uma ebuza ukuthi kwenzekeni bamtshela ukuthi kugqekeziwe wase ebuza ukuthi ukuphi pho uWandile? bamtshela ukuthi ushonile. Uthi inhliziyo yakhe yafa ngalesosikhathi njengoba kwakungakapheli sikhathi singakanani ekade efihla unkosikazi wakhe.
Ukusebenza ngokuzinikela kwamaphoyisa aseMlazi kwaholela ekutholakaleni kwabasolwa base beboshwa, sebeke bavela enkantolo icala lahlehla ngenxa yokushoda kobufakazi nokushintsha kwabaseshi abaphethe icala, njengoba namanje liphinde lahlehla ukuze abasolwa bezozitholela abameli njengalokhu ijaji likubeke kwacaca ukuthi noma ngubani eNingizimu Africa unelungelo lokumelwa enkantolo yomthetho.
Izinhlangano zomphakathi ezilwela amalungelo abantu, ezepolikiti abelokhu egcwele enkantolo njalo uma kuqulwa lelicala bezolwela ukuthi abasolwa bangayitholi ibheyili ngesenzo sobulwane abasikhombise enganeni encane, besho nokuthi bazoba yingozi enkulu emphakathini. Kwenzeka konke lokhu nje iqembu loMkhonto weSizwe laligcwele amagceke akaNgcobo ngelanga kuvele lomshophi kuze kube manje.
Udaba lwakwa Ngcobo lube ngundabamlonyeni kwabezindaba nyakenye njengoba belusabalele ezinkundleni zokuxhumana ngisho nakumashaneli ehlukene kumabonakude ngenkathi uNgcobo elande umzimba wendodakazi yakhe emakhazeni kaHulumeni ase Park Ryne ngaseMzinto efika ingane isiqhilika izimpethu, nesidumbu singakathungwa nokwaphuthunywa kwaqedelwa emotweni ngenxa yokuthi isikhathi sabe singasekho, lokho kwanyakazisa isizwe sonke ikakhulukazi njengoba amakhaza engakaHulumeni. Umsebenzi wesikhungo wakuqinisekisa ukuthi kulesikhungo akukho lutho olulungiswayo wathi amafriza akhona awasebenzi ngakho lendawo ihlale inuka ngenxa yokubola kwemizimba egciniwe, wathi bona njengabasebenzi abanikezwa izinsiza kusebenza lokho okubeka izimpilo zabo engcupheni. ekusho lokhu ebukwa umhlaba wonke kumabonakude ohlelweni oludlala ku ETV olubizwa nge Check Point naku Cutting edge sabonakala lesigameko. Umthombo othembekile ongaphakathi kulomnyango ukuqinisekisile ukuthi umnyango uyazi ukuthi uzodliwa ngalesenzo kodwa ulindele noma yini njengoba azizwela ngezakhe izindlebe emhlangweni webhodi udokotela etshela izikhulu ukuthi loludaba lubucayi kakhulu ngakho ayikho indlela yokuphunyuka into engcono ukuthi umnyango umbizele eceleni uNgcobo uxoxe naye ngasese kepha abanye abaze bazithatha lezozeluleko. Kunalokho oyinhloko yabaqondisi emnyangweni wezempilo kwaZulu Natal ngaphansi kwesifunda soGU uSandile Tshabalala ephike walala ngomhlane ukuthi umnyango unephutha kuloludaba njengoba icala elisulele kubaphathi bomnyango ngokuthi bona abazazi izinto ezenzekayo uma bengabikelwanga ngazo wathi indaba yamakhaza angasebenzi yintsha kubona, Kuze kube manje akukho okuphathekayo abasakukhulumile noNgcobo mayelana nokulungisa umonakalo.
UNgcobo ukuqinisekisile ukuthi usebabhalele izikhathi eziningana kodwa abaphenduli abakhombisi nokuthi bayazithola izincwadi ababhalelwa zona ngakho udaba uselufake kubaMmeli bakhe okuyibona asebezohlabela phambili, kanti ushaya phansi ngonyawo uthi angeke abuyele emuva elambatha, uphethe ngokuthi uHulumeni wezempilo uyabaxhaphaza abantu njengoba bekungesona isigameko sokuqala ukuphuma komzimba obolile emakhazeni abo uthi ukuthi abanye abantu bayesaba ukuphumela obala bancamela ukufela ngaphakathi, ngakho yena uzolwela nabanye abangakwazanga ukuzilwela ukuze bathole ubulungiswa.