MFU. KATLEGO NARE
Sanibonani sizwe sakithi onyakeni omusha. Ngithemba sonke siphilile uMdali usasinike elinye ithuba lokuphila. Ngithi angikhuthaze unyaka uqala ukuthi masiqaleni ukwakha amasu okuphila ukuze siwuqede kahle lonyaka singazisoli ekugcineni , kulesi sikhathi umuntu makazame konke okufika emqondweni wakhe uma kungekubi kungelimaze abanye . Uma singazama ngamandla ethu wonke usaqala nje unyaka sakhe isisekelo esiqinile mancane amathuba okuthi imiphumela ingasijabulisi . Okuhle konke kuyovela ekuzimiseleni kwethu kukho konke esikwenzayo .
Obhalayo ngumfundisi Katlego Nare.