![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-4.png)
OWAMI THABETHE
UMphathi Jikelele we-DDP, uDktl Kariuki uncome iqhaza elibanjwe abezindaba okhethweni luka 2024, ethula inkulumo yakhe kwinkomfa yabezindaba yesithathu (DDP 3rd ANNUAL MEDIA SUMMIT)ebibanjelwe kwelinye lamahhotela eThekwini ngoLwesine lomhlaka 27 Juni 2024
Echaza ngeqhaza elibanjwe abezindaba uDktl. Kariuki, uthe, “
abezindaba badlale indima ebaluleke kakhulu ekukhulumeni nasekwaziseni umphakathi nakuba bekuyizinyanga ezingu-8 kumatasa silungiselela ukhetho kodwa luhambe kahle.Zingaphezu kuka-80 Izintatheli ezintsha okufinyelelwe kuzo futhi sezisebenze nezinkampani eziningi ezinkulu zezindaba”.
Eqhuba uKariuki uthe, inkundla yezokuxhumana ibinamandla kakhulu ukufaka isandla empumelelweni yokhetho kuneManual Media. Nakuba kube nomthelela ongemuhle kulo lonke ukhetho ngoba kwabelwane ngolwazi oluningi oludukisayo nolwazi olungamanga ezinkundleni zokuxhumana. Isibonelo kuzo zonke izinkundla zokuxhumana, abantu babekholelwa ukuthi izinkampani ze Media ‘ezikhethekile’ zazilawulwa futhi zenza ubungane namanye amaqembu ezepolitiki.
USolwazi Anton wasenyuvesi yaseWitwatersrand uthe nakuba belunzima ukhetho, i-IEC ibambe iqhaza elinobulungiswa nelibalulekile okhethweni futhi yaqinisekisa ukuthi ukhetho luqhutshwa ngendlela efanele. Kulo nyaka ukhetho lube namaqembu amaningi kanye nabangenele ukhetho okubeka abezindaba esimweni esinzima sokuwabika wonke ngendlela efanele. Uphinde wancoma uhulumeni kazwelonke oholayo (ANC) ngokwamukela ukwehlulwa kahle nangokuzotha, kusho uSolwazi Anton
UNkosazana Nomshado Lubisi Nkosinkulu ovela kwiMedia monitoring Africa uzwakalise ukukhathazeka ngobekwenzeka ngesikhathi sokhetho
Izintatheli ikakhulukazi zesifazane zahlaselwa, zehliswa isithunzi futhi kwasabiswa imindeni yazo. Konke lokhu kukholakala ukuthi kwenziwa ngosopolitiki bevimbela izintatheli ekushicileleni ngamaqembu abo.
UNkosazana Nompilo Mchunu woMnyango wezokuXhumana kuHulumeni uthe kunamaphepha okuvota angaphezu kuka-50 000 awonakele ngesikhathi sokhetho ngoba abantu bengenalo ulwazi lokuthi yini okumele uyenze uma umosha ivoti futhi njengokuxhumana kukahulumeni yibona okumele baphendule ngale ndlela yokungaxhumani kahle. Ukuphazamiseka okukhulu kwenzeke ngesikhathi sokhetho njengoba bekungekho okuqukethwe okwanele okwethulwe emphakathini mayelana no Section 24 A.
Njengomnyango wezokuxhumana bathole ukuthi kusetshenziswa ulimi olulodwa kuphela (isiNgisi) njengolimi lokufundisa kodwa abaxhumani nezinye izilimi okungenzeka kube nomthelela ekungaxhumaneni kahle kwa Section 24A. Uqhube wathi kungumsebenzi wamaqembu ezepolitiki ukwazisa umphakathi ngalo mthetho omusha wokhetho ngoba wonke abenolwazi. I-IEC bekumele ivakashele izindawo ezigcwele intsha noma inikeze intsha imikhankaso ukuze yazise abanye ngoba kubukeka sengathi intsha iswele ulwazi ngokhetho nezigaba ezethulwe ngenxa yalokho kube nenqwaba yentsha engazange ivote.
I-IEC ikweleta incazelo emphakathini ngalokho obekuzulazula ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi sokhetho, nangaleso sigameko esenzeka ngaphambi kokhetho lwamaphepha okuvota atholakala kwezinye izindawo ezizimele ngaphandle kokuphelezelwa ngamaphoyisa ayeqoshwa ngomakhalekhukhwini.