![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/12/image-2.png)
SHEILA MHLONGO
Lenkomfa ibibanjelwe ehhotela iPremier eMhlanga eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka 30 Okthoba 2024. Kanti ibisingathwe ngokubambisana phakathi kwenhlangano iDemocracy Development Program kanye nesiShayamthetho saKwaZulu-Natali.
UDktl. Paul Kariuki onguMphathi Jikelele we DDP uvule ngenkulumo yokwamukela izihambeli zeNkomfa, kwathi uSihlalo weDDP uDktl. Devi Rajab, yena wethula inkulumo yokweseka konke obekuzokwenzeka kuyona Inkomfa.Ekhuthaza abesifazane uthe amazwe omhlaba adinga ukuthi ahlukane nokucabanga ukuthi abantu besilisa kuphela abafanelwe ukuba abaholi. “Koze kube nini abesilisa kulokhu kuyibo bodwa abaqhoqhobala izikhundla endimeni yezePolitiki.” kusho uDr Rajab.Wabe eseleka ngokuthi empeleni abantu besifazane bangabaholi abangcono kunabantu besilisa ngoba bakwazi ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa kusukela ekubhekeni amakhaya,ukunakekela, bakhulise abantwana baphinde futhi bakwazi ukusebenza lapho beqashwe khona.
Zonke izikhulumi zivumelene ngazwi linye lokuthi abantu besifazane abasezikhundleni zokuhola ePhalamende kanye naseziShayamthetho bangenza okungcono ukuletha ushintsho uma beyingxenye yokuthathwa kwezinqumo.
IPhini likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali uMhlonishwa uMabatho Tembe, uthe nakuba ubonakala wesabisa umshikashika wokukhulula abantu besifazane kodwa kubalulekile ukuthi bame isibindi basukume babhekane nawo ngqo.
UMhlonishwa uNontembeko Boyce onguSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali, uthe abantu besifazane abangabaholi kumele baqinisekise ukuthi imithetho ayigcini nje ngokubhalwa phansi ephepheni, kodwa kumele ibonakale yenziwa. Wathi uNgqongqoshe wezeziMali kumele kube ngowesifazane ngoba lonke uhlelo lokubhekelela luqala kwisabelomalo.
“Ukungalingani ngokobulili ikona okuhlanganisa ndawonye abantu besifazane abasezingeni lobuholi, kubalulekile abantu besifazane babumbane ezingeni lomhlaba ukuze bakwazi ukukhuluma ngazwi linye, lapho kunezimpi khona bavikele abesifazane nezingane. Futhi umhlaba awusoze waba nokuthula uma nje kusalokhu kubulawa abesifazane nezingane ezweni lase Palestine.”kubeka uSomlomo uBoyce.
Mayelana nezinga lokumeleleka kwabesifazane ezikhundleni ezingeni lobuholi kwezepolitiki ePhalamende kanye naseziShayamthetho uMhlonishwa. uFikile Masiko onguSihlalo wekomiti le- Quality of Life esiShayamthetho saKwaZulu-Natali uveze umbiko omayelana nokungalingani ngokobulili okhombise isithombe esingesihle njengoba kubonakala kwehla izinga lokumeleleka kwabezifazane kulohulumeni wesikhombisa (7th Administration) uma kuqhathaniswa nangesikhathi sikahulumeni wesithupha (6th Administation).
Waveza nokuthi nezinga lokuhlukumeza ngokobulili libukela liphezulu kulesikhathi. UMhlonishwa uSenator Maybe Mbohwa wePhalamende laseZimbabwe, ubonge labo abasungula ikhokhasi yabantu besifazane ukuze bahlangane ndawonye babonisane ngezinto ezithinta izimpilo zabo kanye nalokho okuyizingqinamba endleleni yabo yokuba abaholi besifazane emkhakheni wezepolitiki kanye nasemazweni ehlukene abawamele.
Eqhuba inkulumo yakhe uMbohwa ukhulume kakhulu ngempilo yabo bengabaholi besifazane ePhalamende laseZimbabwe, lapho ezwakalise khona ukuthi nakuba zikhona izingqinamba abasahlangabezana nazo kodwa ukhona umehluko njengoba uma, kuqhathaniswa nonyaka ka 2008 lapho abaholi besifazane babengamaphesenti angu-18, kodwa manje izinga lenyuke lafinyelela ku-33 wamaphesenti. Nabesifazane abasezikhundleni zobukhansela nabo liyakhuphuka izinga lokumeleleka kwabo, nakuba bengakafiki ezingeni lokulingana ngo 50/50
Okunye okuhle akubalulile uMbohwa uveze ukuthi bakwazi ukushintsha izingqinamba abahlangabezana nazo nabezindaba bazishintsha bazenza impumelelo ngoba manje sebenobudlelwane obuhle. Waluleka ngokuthi uma ungumholi wezepolitiki akumele uhambele kude nabezindaba.Okunye okuyimpumelelo abakuzuzile uMbohwa uthi, iPhalamende laseZimbabwe lakwazi ukuthi linikeze amakhosi izikhundla ezingu-20 ukuze babe yingxenye yokwenza ngcono isimo sabesifazane njengoba imithetho eminingi ezindaweni zabo kuyiyo ecindezela abesifazane.
Abesifazane abebethamele lenkomfa banikezwe ithuba lokwenza iziphakamiso zabo:
Phakathi kwezinto eziphakanyisiwe kube ukuthi kumele kwakhiwe izikole eduze nasemakhaya.
Bancome abaholi besifazane baseZimbabwe mayelana nempumelelo yabo nakuba benazo izingqinamba kodwa uyabonakala umehluko.
Lapha eNingizimu Afrika izingane nabesifazane baseZimbabwe bathola ukuhlukunyezwa kanti futhi abakwazi ukubika ngenxa yokwesaba.
EZimbabwe, Isabelomali sakhona sihambisana nezidingo zabantu, kanti izingane zamantombazane zithola amaSanitary Pads ukuze zingahlupheki uma kudingeka ziye esikoleni, futhi kwakhiwe izindawo eziphephile zokukhoselisa abesifazane.uNksz. Maureen Shonge oyi Regional Policy Specialist WPP, obevela kwi-UN Women yena wethule umbiko omayelana neqhaza elibalulekile okumelwe libanjwe abantu besifazane ebuholini bezepolitiki okuyinto ehambisanayo nokubuswa ngokweNtando yeningi.