SHEILA MHLONGO
Ngonyaka ka 1983 kwatholakala igciwane le-HIV okuyilo elidala isifo se AIDS, lokhu kwatholwa ososayense base Institut Pasteur.Ucwaningo lokuqala lwaqinisekiswa ngenyanga kaMeyi 1983, lwashicilelwashicilelwa ebhukwini le- sayense elaziwa nge prestigious scientific journal.Ukutholakala kwaleligciwane kwaya ngokuya kushintsha inkolelo mayelana nalesisifo. Ukutholakala kwalo kwahlanganisa iziguli kanye nabacwaningi ukubhekisisa lenhlekelele yalesifo ezimpilweni zabantu.
Ngomhlaka Meyi 20 ngo 1983 , kwenziwa umsebenzi wokuqala abehlangano ye-Institut Pasteur bashicilela umsebenzi owabe umayelana naleligciwane elalihlasele abantu, kungaleso sikhathi lapho laqanjwa ngokuthi I-HIV.
UKUYA PHAMBILI, NJENGOBA SIBUNGAZA USUKU LWE WORLD AIDS BUSINESS DAY
Ngomhlaka 1 Disemba inhlangano I World Organization (WHO) izohlanganyela nophathina kanye nemiphakathi ukubungaza lolusuku olubalulekile lwe World Aids Day 2024. Ngaphansi kwesiqubulo esithi “Take the rights path: My health, my right!”, iWHO imema abaholi bamazwe kanye nabantu ukuthi bahlanganyele ukulwisana nezingqinamba zempilo ezidalwa ukungalingani ezenza kungabikho inqubekela phambili emizamweni yokuqeda I-AIDS.
Usuku lwe World Aids Day liyisikhathi esihle sokuthi sonke sikhumbule ama-miliyoni abantu ababhubha emhlabeni wonke ngenxa yezifo ezihlobene nayo le-AIDS . Umhlaka 1 Disemba usuku lokuthi sibumbane sikhulume ngazwi linye sixoxisane ngesimo esiphuma kuso, sikhumbula labo abasishiya, siphinde futhi sibambisane silwe naleligciwane le-HIV.
IYINI iWorld AIDS Day?
Usuku lwe World AIDS Day- liyindlela yokuqhuba phambili imizamo yokuqeda nge HIV.Iziphathimandla ezimbili zenhlangano iWorld Health Organization (WHO) zasungula lolusuku ngonyaka ka 1998 njengosuku lomhlaba lwezempilo. Kusukela lapho lwaqhubeka lwahlonishwa njalo ngomhlaka 1 Disemba.
IWorld AIDS Day iwusuku lobumbano lwabantu emhlabeni wonke abayizisulu zegciwane le-HIV ukuze kukhulunywe ngazwi linye, kukhunjulwe asebasishiya sime ndawonye sibambisane ukuze silwe nokuqeda igciwane le-HIV. Kulo lolusuku sibuyekeza izindlela ezintsha zokuhlangabezana nezinhlelo kanye nemigomo engasiza ukunqoba iHIV/AIDS.
Nakuba kukuningi osekwenziwe kusukela kwabikwa ngalesisifo se AIDS ngonyaka ka 1981, lesifo sisalokhu siyinkinga enkulu kwezempilo. IWorld AiIDS Day iyithuba lokuthi abantu kanye nemiphakathi ikhumbule abantu ababalelwa ku 32 million emhlabeni wonke ababulawa izifo ezihlobene nesifo seAIDS.
IKWAZULU-NATALI YENZA IMIZAMO EBONAKALAYO UKUQEDA IGCIWANE LE-HIV NAKUBA ABESILISA ABASUKELA EMNYAKENI ENGU 15 KUYA PHEZULU BESANXUSWA UKUTHI BASOKE
Ngokocwaningo olwenziwe abe Human Sciences Research Council (HSRC) luveze ukuthi sehlile isibalo sabantu abahaqwe igciwane le-HIV lapha KwaZulu-Natalo sisuka ku 1.99 million onyakeni ka 2017 saya ku 1.98 million onyakeni ka 2022, kodwa isifundazwe sisalokhu sinezinga eliphezulu labahaqwe igciwane le HIV uma kuqhathaniswa nezwe lonke. Nokho izinga eliphezulu labasokwayo kanye nalabo abathola uhlelo lwemishanguzo yokwelapha igciwane sekudale ukuthi kube nomehluko obonakalyo wokulwisana negciwane leHIV eKZN.
Umbiko wakamuva we-SA National AIDS Council, uveza ukuthi kunesimo esingesihle lapha eKZN sabantu abasha abaseminyakeni esukela ku 15 kuyaphezulu ababalelwa ku 1000 abatholakala ukuthi bahaqwe igciwane masonto onke.Lokhu osekudale ukuthi I-HSRC inxuse ukuthi kuqiniswe umkhankaso wokuqwashisa mayelana nesidingo sokusokwa kwabesilisa abasukela ku-15 kuya phezulu.Nokho kuyancomeka ukuthi inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni (NGO) eyaziwa nge Right to Care ngokubambisana nomnyango wezempilo kanye nezikhungo zemfundo ephakeme eKZN zibambisene futhi nama TVET colleges zenza konke okusemandleni ukunakekela impilo yabafundi ibasoka iphinde ibaqwashise ukuthi benze izinqumo ezibalulekile ngempilo yabo yezocansi . Imizamo efana nalena esiza ukuthi kubonakale kwehla igciwane le-HIV, lokhu okuwuhlelo olwenziwa ezweni lonke ngaphandle kwenkokhelo.
Ngokocwaningo olwenziwe abe Human Sciences Research Council (HSRC) luveze ukuthi sehlile isibalo sabantu abahaqwe igciwane le-HIV lapha KwaZulu-Natalo sisuka ku 1.99 million onyakeni ka 2017 saya ku 1.98 million onyakeni ka 2022, kodwa isifundazwe sisalokhu sinezinga eliphezulu labahaqwe igciwane le HIV uma kuqhathaniswa nezwe lonke. Nokho izinga eliphezulu labasokwayo kanye nalabo abathola uhlelo lwemishanguzo yokwelapha igciwane sekudale ukuthi kube nomehluko obonakalyo wokulwisana negciwane leHIV eKZN.
Umbiko wakamuva we-SA National AIDS Council, uveza ukuthi kunesimo esingesihle lapha eKZN sabantu abasha abaseminyakeni esukela ku 15 kuyaphezulu ababalelwa ku 1000 abatholakala ukuthi bahaqwe igciwane masonto onke.Lokhu osekudale ukuthi I-HSRC inxuse ukuthi kuqinisweumkhankaso wokuqwashisa mayelana nesidingo sokusokwa kwabesilisa abasukela ku-15 kuya phezulu.
Nokho kuyancomeka ukuthi inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni (NGO) eyaziwa nge Right to Care ngokubambisana nomnyango wezempilo kanye nezikhungo zemfundo ephakeme eKZN zibambisene futhi nama TVET colleges zenza konke okusemandleni ukunakekela impilo yabafundi ibasoka iphinde ibaqwashise ukuthi benze izinqumo ezibalulekile ngempilo yabo yezocansi . Imizamo efana nalena esiza ukuthi kubonakale kwehla igciwane le-HIV, lokhu okuwuhlelo olwenziwa ezweni lonke ngaphandle kwenkokhelo.
Kuyajabulisa futhi ukwazi ukuthi ngisho neSilo samaZulu esakhothama Inkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu,ngonyaka ka2010, wasungula umkhankaso wokusokwa esizweni samaZulu, njengoba wayekuqonda ukubaluleka kokuvikela isizwe sakhe ukuthi singaqedwa igciwane le-HIV. Lokhu wakwenza ngokuthi enze ukusoka kubantu besilisa kube isiko. Singasho ukuthi ziyancomeka izindaba ezimnandi ezimenyezelwe ngokocwaningo lweHSRC, lokuthi iKZN inezinga eliphezulu ezweni lonke lwabasokiwe ezikhungweni zempilo ngamaphesenti ngu 87.6%. lokhu okuyinto eqhubekayo yokuthi abantu besilisa bazilethe bona ezikhungweni zempilo.Iyabongeka nemizamo yeSilo esakhothama , ngoba isiqalile ukuthela izithelo kwancipha nezinga labasuleleke nge -HIV lapha eKZN, nakuba isalokhu iyinkinga lapha eNingizimu Afrika, nokho usiko lokusoka ilona elibonakala luyisisombululo ekuvikeleni abantu besilisa kanye nophathina babo ukuthi bangasuleleki nge-HIV nezifo zocansi.
IQHAZA LEZINHLANGANO ZEMIPHAKATHI EKULWENI NOKUSABALALA KWEGCIWANE LE HIV KANYE NE AIDS
Kuyancomeka futhi ukubona iqhaza elenziwa izinhlangano zemiphakathi lapha eNingizimu Afrika zokulekelela ngezinhlelo zokulwa negciwane le-HIV. Singasho ukuthi izinhlangano ezifana ne Treatment Action Campaign, zibambe iqhaza elikhulu ekulekeleni ukuthi kushaywe imithetho yezempilo yokwenza ngcono ezokwelashwa lapha eNingizimu Afrika, okuyinto eyadalwa ukwenyuka kwezinga lesibalo sabantu ababehaqwe igciwane leHIV kanye nalabo ababeshona ngenxa yezifo ezeyamene ne AIDS.
Ngonyaka ka 2016 kwaba nombiko weStatistic South Afrika owaveza ukuthi babewu 7.03 million abantu ababesuleleke ngegciwanele HIV/AIDS – okwaba isibalo esiphezulu emhlabeni wonke.Nakuba kwaba nesidingo semithi yokulapha phakathi kweminyaka yama 1990, kodwa kwaqhubeka ukuthi kube nzima ukuthi kutholakale imithi lapha eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezikhungweni zikahulumeni. Lokhu okwadala ukuthi izinhlangano zemiphakathi nazo zisungule izigcawu zokudingida izindlela ezabe zizoletha ushintsho kwezempilo lapha eNingizimu Afrika. Kungenxa yayo imizamo yezinhlangano zemiphakathi eyadala ukuthi kube nempumelelo ekushayweni kwemithetho ekhona njengamanje emayelana ne HIV/AIDS, lokhu okwenziwa kusetshenziswa imizamo ehlukene ye-constitutional law eyabe iphikisa izinkampani ezizimele ukuthi ziqhube pambili inzuzo ngemithi ngendlela ephambene nomthetho.
Sengiphetha: Ngithanda ukubonga izinhlangano zemiphakathi (Civil society organizations) ezifana neDemocracy Development Program (DDP) kanye nezinhlangano ezigxile emiphakathini (community-based organizations) ngeqhaza lazo ezilibambile lapha eNingizimu Afrika mayelana nokuzihlanganisa nemikhankaso yokuqwashisa imiphakathi ziphinde zelekelele ekulethweni kwezindlela ezingcono zokwelapha iHIV/AIDS, kanye nokukhuthaza abantu baseningizimu Afrika ukuthi bakhathalele ukusindisa izimpilo zabo , besebenzisa iWorld AIDS Day njengethuba lokunciphisa ukusabalala kweHIV.
USheila Mhlongo unguMhleli noMshicileli wephephandaba iKZN Namuhla Community Newspaper ubhala lombono ngokwakhe.
See insights and ads
All reactions:
2You and 1 other