IBET Software ihalalisele abafundi bakaMatric baseVelabahleke High School

IBET Software ihalalisele abafundi abaphume phambili kumatikuletsheni NgoMgqibelo mhlaka 28 kuJaniwari 2023, ihlanganyele kanye nesikole iVelabahleke High School bebehalalisela abafundi abathole imiphumela eseqophelweni eliphezulu kuMatric. Kuphindile futhi ukuthi lesisikole sithole i-100% pass rate, bangu-396 uma sekuhlangene.abafundi abaphase ngamalengiso.

Continue reading

UHulumeni ufuna ukwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu abakhubazekile

Izikhulu zoMnyango wabeSifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka (DWYPD) zibambe iqhaza emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi wezinsuku ezintathu okuhloswe ngawo ukuthuthukisa izinga lokulethwa kwezidingo kubantu abakhubazekile. Umhlangano wokucobelelana ngolwazi osanda kubanjwa ubuxhaswe yi-United Nations Population Fund (UNFPA) -eyokulingana, ukubandakanywa kwabakhubazekile ,imithetho , ukuhlela nokwabiwa kwezimali, ukuqapha nokuhlola ngezinye zezinto okukhulunywe ngazo.

Continue reading

UMasipala lokhu eqhubekile nomkhankaso wokuhlanza iTheku

UMasipala wetheku usalokhu uqhubekile nomkhankaso wokuhlanza nangonyaka ka-2023.lokhu kuvele ekhasini likamasipala likafacebook bathe, iMeya uMxolisi Kaunda yethule umkhankaso othi MOTHER OF ALL CLEAN UPS, okuwumkhankaso obubanzi kakhulu. lomkhankaso ohlanganise izindawo eziwu-13 esingabala lezi ezilandelayo, iCBD, City Hall, ICC, Albert Park, Warwick, Moses Mabhida Stadium, Point, South beach, North beach, uMgeni. , Musgrave, Greyville ne Dalton Hostel.

Continue reading