Iqale ngegiya eliphezulu eyama Thekwini games

Abadlali ababambe iqhaza kowama Thekwini Games

Imidlalo ebisingathwe uMkhandlu weTheku iqale ngegiya eliphezulu lapho wonke amaqembu abelwela ukuba   ngomakhonya  emele amawadi kumaThekwini Games kule mpelasonto yezi 30 September.Le mdlalo   isezifundeni ezintathu okuwuDistrict 1, 3 kanye no-4 kanti lezi zifunda zifaka izindawo eziningi okubalwa kuzona uThongathi, iNtuzuma naKwaXimba, ukucaphuna ezimbalwa.

Continue reading

Kukhishwe isiteki sika R142,000 koweBoxer Super Run ka 5km

Abahleli bomjaho weBoxer Super Run sememezele ukuthi bazokhipha umklomelo kakheshi ozokuba uR142,000 wamarandi kubagijimi abazobe bebambe iqhaza kulomjaho ka 5km oyobe ungeSonto lomhlaka 15 Okthoba 2023, oyosukela eSnell Parade eBeach front uze uyophela eBlue Lagoon eThekwini.

Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi lomklomelo kakheshi uzotholwa abesifazane nabesilisa abangu 8 abazophuma phambili, kubona emunye uyokhala emuke nesamba sika R20,000. Kanti nabathathu abayophuma phambili kulabo abaneminyaka yobudala kusukela ku , 40-49,50-59, 60-69 kanye no 70 nangaphezulu bayothola umthobanhliziyo ngeqhaza labo.

Continue reading