Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla lihloniphe amaCiko ngezindodo emcimbini wokubungazwa kweminyaka engu-24 lasungulwa kanye nowama KZN Namuhla Artists Awards, obubanjelwe eBat Centre ngoMgqibelo womhlaka 1 Okthoba.
Evula umcimbi uMhleli wephephandaba iKZN Namuhla uNksz Sheila Mhlongo uthe beyiphephandaba babone kukuhle ukuthi umbungazo weminyaka engu-24 laba khona iphephandaba bawuhlanganise nokuhlonipha amaCiko asemkhakheni eyahlukene kanye nezinhlangano ezingenzi inzuzo. Iphephandaba lasungulwa ngonyaka ka-1998 enyangeni kaSepthemba.
“Siyiphephandaba siyakwazisa ukweseka kanye nokukhuthaza amaCiko ethu asafufusa ngoba siyazi ukuthi awanakiwe kodwa kunalokho kuhlale kuphakanyiswa lawo asemazingeni aphezulu, okungakho kuyaye kuthi njalo ngezimpelasonto sibhale ngemisebenzi yawo”. Kusho uMhleli.
Ethula inkulumo yokwamukela amaCiko lowo obemele iMeya yeTheku ukhansela Ntandoyenkosi Khuzwayo, uthe bewuMkhandlu bayaweseka kakhulu amaCiko futhi minyaka yonke bahlale bene bhajethi ebhekele wona uqobo.
Eqhuba ukhansela uKhuzwayo uhalalisele wonke amaCiko kanye nephephandaba ngokuqeda iminyaka engu 24 laba khona nakuba zikhona izingqinamba endimeni yabezindaba kodwa lona laqhubeka kuze kube ilesikhathi.
Lomcimbi wama KZN Namuhla Artsists Awards ubuhanjelwe amaCiko abevela ezindaweni ezahlukene eKZN. Kanti ezinye izihambeli zomcimbi kubalwa lowo owabe eyikhansela eMkhandlwini weTheku uNksz. Mpume Chamane oseyilunga leBhodi eMngeni Water, umculi kamaskandi osemkatshubomvu uNksz Vumile Mngoma,uMculi uMs Classic ophinde abe umsakazi weInanda FM, kanye noNkk NosiphoDlamini,ongumsakazi kwi Vibe FM nokunguye obephethe uhlelo lonke lomcimbi.
Ephetha umcimbi uMhleli ubonge amaCiko, abalandeli abavotile, izethameli, abaXhasi okube iRising Sun Printers exhase ngezimaki zokuphuza, Shoprite, ngeVoucher yokudla, uNkk Mpume Chamane ngezidlo, kanye nabezindaba okubalwa iVibe FM, Intokozo FM, Imbokodo FM, Ink media TV, EzaseXobho Newspaper kanye ne IzikoAfrican Radio ebisakazela khona emcimbini.