UNello Imbongiyami uzimisele ukuzinikela kakhulu ezinkondlweni

SHEILA MHLONGO

Ngifisa ukubhala ngokuzinikela ngikhiphe umsebenzi omningi wezinkondlo kulonyaka ngiwufake na online ngingenele nemiqhudelwano emningi. Ngizovakashela emsakazweni kwi Vuma FM nase UMngungundlovu FM izikhathi eziningana naku-1KZN Tv  ngiyathembisa angeke uphele lonyaka ngingavelanga khona.

Ngizoqhubeka  noProducer wami omdala uMhlengi Ndlela ngiyafisa ukusebenza neNkosi Yamagcokama “Scebi Dlamini” kanye noPaige. Okunye engikufundile ukuthi uma uliCiko akufanele uhlale endaweni eyodwa hamba izindawo uziveze uthole nezifundo ezithile kubalulekile nokuzehlisa nokubuza kwabaphambili. Abalandeli abalindele ukuthi ngizobajabulisa ngezinkondlo ezimnandi kanye nasemcimbini ehlukahlukene.

Okwamanje ngisacela abalandeli baye ku-YouTube babhale “Nello Imbongi Yami” bazobe sebezithola zonke izinkondlo eyase zitolo zoMusic yona isalungiswa kodwa izolunga emvakwezinyangana. Calls/ Whatsapp 0662497048 kuFacebook: Nello Imbongi Yami.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *