Icomrades Marathon izobuyela kuJuni ngonyaka ka2023

Esithombeni: abasubathi begijima umjaho weComrades Marathon yakulonyaka

Samukelisiwe Mbonambi

I-COMRADES Marathon izobuyela osukwini olujwayelekile okuyiSonto ngonyaka ozayo kulandela ukuthi iKwaZulu-Natal Athletics ngoLwesibili oludlule igunyaze usuku lwangomhlaka 11Juni 2023 njengosuku lapho lomjaho we-ultramarathon wesi-96 waminyaka yonke futhi omkhulukazi kunayo yonke uzoba ngalolusuku.

Umqondisi womjaho weComrades Marathon Association uRowyn James ukuqinisekisile ukuthi umjaho ka-90km uzokuba ngoJuni.“iComrades Marathon yangonyaka ozayo kuzobe kungeyesi-48 idownrun, ezoqala eMgungundlovu iphothulwe ngemuva kwamahora angu-12 eThekwini enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida Stadium” kusho uRowyn.

IComrades Marathon yalo nyaka ibingo-Agasti  kanti ibuye emva kweminyaka emibili kulandela ukumiswa kwayo ngenxa yobhubhune iCovid19. Nokho iComrades yalo nyaka igubuzelwe yinhlekelele ngemuva kokuthi abasubathi ababili belahlekelwe yimpilo yabo ngesikhathi bengenele lo mjaho.

UTete Dijana waseNingizimu Afrika unqobe umjaho wabesilisa ngesikhathi esingu-05:30:38, kwathi u-Alexandra Morozova wase Russia wanqoba umjaho wabesifazane ngesikhathi esingu-6:17:48.imininingwane yenqubo yokungenela, imibandela yokufaneleka kanye nolunye ulwazi lomjaho izoqinisekiswa lapho kwethulwa ngokusemthethweni usuku langomhlaka 11 Juni 2023 kwabezindaba, kanti usuku lokwethulwa ngokusemthethweni luzomenyezelwa kanye nesikhathi.