Ayanda Ntombela
ISundowns ibhudluze iOrlando Pirates ebesisele nabadlali abawu 10 ngamagoli amane eqandeni. Amasandawana aqhwakele kwi log yepremier soccer league akhombise zisuka kulomqhudelwano wosuku ongenelwa amaqembu amane ukuthi ayizile ukuzoganga ngesikhathi ivula lomqhudelwano lapho ishaye khona amazulu fc ngo3-0. Kumdlalo wesibili iOrlando Pirates ihlule iChiefs kuma penalty ngo 6-5 , okuyenze yadlulela kowamanqumu neDowns.
Kwi semi final yalomqhudelwano iChiefs ilale isithathu ihlula Amazulu FC ngo4-2 sekukhahlelwa amapenalty.
EzikaRhulani Mokoena iSundowns izihubuluzele kulomqhudelwano ngale kwenzingqinamba. Ekhuluma emva komdlalo umqeqeshi wayo iDowns ubeke kanje: “abadlali bakhombise ukuzimisela kakhulu iqhinga lethu lisebenzile lokuhlasela ngamandla ekubeni kade sibhekene namaqembu ayingozi, isicoco sethu sokuqala lesi manje sesibheke iLeague” ephetha.
ISundowns ithatha lesisicoco okokuqala ngqa njengoba phambilini lomqhudelwano wawubanjwa amaqembu amabili kuphela izinkunzi zase Soweto iKaizer Chiefs kanye neOrlando Pirates.

