Samukelisiwe Mbonambi
SELIGCWALE umoya ibhantshi kumqeqeshi weMaritzburg United uMaduka, lokhu kuqinisekiswe ilona iqembu ukuthi alisahlanganise lutho noJohn Maduka kanti iqembu liphinde lathatha isinqumo sokunqamula zonke izinkontileka ebezibahlanganisile nethimba lobuchwepheshe likaMaduka kulandela ukungenzi kahle isikhathi eside.
Usihlalo weqembu uMnu. Farook Kadodia udlulise ukubonga kuJohn nethimba lakhe lobuchwepheshe ngemizamo yabo wabe esebafisela ikusasa elihle.
“Ibhodi lithathe lesi sinqumo sokunqamula inkontileka kaJohn ngemuva kokubuyekezwa kwemidlalo nemiphumela kusukela ekuqaleni kwesizini kuze kube manje, ngesikhathi siqoka uMaduka ekuqaleni kwesizini umgomo kanye nenhloso kwakuwukubona iqembu lenza kangcono kwimiphumela nokuyinto esingakaze sifinyelele kuyo nakuba wonke umuntu esezame konke okusemandleni ukuthi sifukule iqembu obishini ngakho manje sikholelwa wukuthi njengoba kuyiwa ekhefini leFIFA World Cup isikhathi esihle sokuthi senze izinguquko esikholelweyo ukuthi zizokwazi ukuyisa iqembu phambili”. Kusho uFarook Kadodia.
Irikhodi likaMaduka limi kanje nabaafana beTeam of Choice emidlalweni engu-13 unqobe emidlalo emibili kuphela, wadlala ngokulingana emidlalweni emihlanu wase ehlulwa emidlalweni eyisithupha.